Endaweni yaseDamini kwakukhona intombazana okwakuthiwa uNobuhle. UNobuhle wayehlala noyise uMthimkhulu kanye nenkosikazi kababa wakhe umaMthembu. Umama kaNobuhle washona engozini yemoto eminyakeni emibili edlule. Lo omunye umama wakhe (umaMthembu) wayenamadodakazi amathathu okwkuthiwa uThandekile, uThando, kanye no Thandeka.

Kuthe kuphela izinyanga ezimbalwa washona ubaba kaNobuhle. UmaMthembu waqala wamhlukumeza uNobuhle ngendlela edabukisayo. Amadodakazi akhe wayewaphathisa okwamaqanda kodwa uNobuhle yena wayengushingamu ababewuhlafuna maqede bawulahle uma ungesenawo ushukela. UNobuhle wayethwele kanzima ngoba wayengavumelekile nokuthi aye esikoleni noma adlale nezinye izingane.

Kwakuthi njalo ekuseni kwakumele avuke alungisele uThandekile, uThando, kanye noThandeka izingubo zesikole, abenzele amasemishi esikole, apheke iphalishi lasekuseni, ageze izitsha, akiline endlini aphinde abawashele bonke izingubo zokugqoka.

Kwakuthi uma kukhona okukodwa ayengakwenzile avele ashawe.

“Wena Nobuhle uyivila kabi yikho nje noyihlo avele akushiya, kodwa yini ayezoyihlalela uma unje wenza kahle nje wakushiya ngoba vele awumsebenzi walutho u-useless nje.” kusho umaMthembu eshaya uNobuhle

Lawa mazwi kamaMthembu amulimaza ngempela uNobuhle okungangokuba wayeseqala ngisho ukucabanga ukuthi ubaba wakhe wayemshiyile ngoba vele wayengamuthandi, esecabanga ngisho nezinto ezazingasile.

Njalo emini kwakumele apheke ukudla ababezokudla ntambama. Uma sekudliwa umaMthembu wayethi akangadli kodwa akapholishe izicathulo zoThando, yena uzodla uma kukhona ukdla okusalile, uma kungasalanga wayelala engadlile.

“Wena Nobuhle ungaqale udle. Hamba upholishele oThando, wena uzobe usudla uma kuwukuthi asikuqedanga lokudla kwakho kodwauma kuphelile usuyozibonela ke nawe ukuthi wenzenjani ngoba akukho okunye ukudla okusazophekwa la emzini wami.” kusho umaMthembu

“Yebo mama.” kusho uNobuhle kodwa ngaphakathi enhlizweni ugaya izibozi

“Kewo mama, kewo mama kodwa usamile lapha phambi kwami. Awusuke uyokwenza lento engikutshela yona ngingaze ngikubhibize ngempama, suka la!” kuthetha umaMthembu ethethisa uNobuhle.

Wasuka wahamba uNobuhle echiphiza izinyembezi kodwa engafuni ukubonakala ngoba wayezoshawa uma ebonakale ekhala. Wazipholisha izicathulo maqede wayozilalela.

Wayehlezi ethandaza uma eseyolala ecela umdali ukuthi amsize amkhiphe ogibeni ayekulo, aphinde acele abazali bakhe ukuthi bamkhanyisele noma kungathiwa bakuphi, bambheke njalo kodwa bangamlahli.

“Baba nkulunkulu yimi uNobuhle, ngiyacela baba ukuthi ungisize ungikhiphe kulenkinga engikuyo. Ngicela ungikhanyisela indlela, ungikhiphe ogibeni nkosi yami ngikucela ngenhliziyo yami yonke. Mama nawe baba lapho nikhona ngicela ningikhusele njalo, niyilwe kanye nami lempi kaSathane engikuyo. Ngicela nibe idlozi elihle kumina noma

ngabe nilaphi ngicela ningisize. Amen.” kuthandaza uNobuhle ekhala mi izinyembezi.

Kwaphela izinyanga ezimbalwa yaphenduleka imithandazo kaNobuhle, walandwa oSonhlalakahle. Bonke babezibuza futhi bemangele ukuthi babizwe ngubani, ngakho wazama

umaMthembu ukuthi akuphike konke ababekusho kodwa abazange besamlalela bavele bathatha uNobuhle bahamba naye.

Osonhlalakahle babebizwe ngumakhelwane owayekubona konke lokhu kwenzeka phambi kwelakhe ihlo.

Wahamba uNobuhle wahlala ekhaya lezintandane waze waba nabazali abazom’adopter. La bazali babenothando futhi bemunakekela uNobuhle, ethola konke ayekudinga futhi waba yingane ekhuthele futhi ehloniphayo. Abazali bakhe babekuthokozela ukuhlala noNobuhle ngoba wayengumtwana othobekile futhi ozothile.

UmaMthembu waboshwa ngenxa yokuhlukumeza ingane, nokuyivalela ilungelo layo lokufunda, elokunakekelwa, elokuthandwa, kanye nelokudlala, yaphinda yamunqabela nebheyili imantshi enkantolo.

UThandekile, uThando kanye noThandeka bahlupheka impilo yabo yonke, bengesenaye umzali owayezobanakekela aphinde abathande. OThembi bahlala bethembe ukuthi izimali zikababa kaNobuhle zazizophuma mese zitholwa yibo kanti cha kwakungeza Nobuhle ngoba yonke into ayenayo uMthimkhulu wayibhala ngoNobuhle, ngisho nendlu ababehlala kuyo, kodwa ngenxa yokuthi uNobuhle wayenenhliziyo enhle futhi enomusa wayiyeka indlu wathi bangahlala kuyo waphinda wabapha nemadlana encane ukuthi bakwazi ukuqhubeka baphile besalinde umama wabo.

Abazali bakhe baziqhenya kakhulu ngesenzo sakhe esihle.