Kwesinye isikhathi ngiyaye ngizibuze ukuthi uyoke uguqe phambi kwami ucele intethelelo

Ngoba ngonile ngendlela ebuhlungu kakhulu,

Futhi awukhombisi nokuzisola

Ngezinye izikhathi ngifisa sengathi ngingathola umcabango wokuzibulala bese ngenze okuthile ngakho

Ngoba lamazwi obuhlungu nentukuthelo ogcwalisa ikhanda lami angibulala mihla namalanga

Ngiphelelwe yiphepha noyinki ngizama ukuwaloba ngendlela yenkondlo

Baba! Kwesinye isikhathi ngike ngifise sengathi singashintshana ngemiphefumulo

Ngakho uzokuzwa ukuthi kubuhlungu kangakanani ukuphila esidunjini

Mhlawumbe ungashintsha la mazwi ekhanda lami ngomphefumulo noma ngenjabulo okungenani

Kwesinye isikhathi nami ngifuna ukuzizwa njengomuntu

Baba Nkulunkulu ungangizwa kabi, angikhulumi nokukhuluma

Futhi lokhu akuwona umthandazo noma isikhalo

Ngoba umthandazo uyakulawula futhi isikhalazo sibuze intando yakho

Leli yizwi elicindezelwe ekuzindleni