Unembeza washonaphi webantu besilisa?.
Unembeza wafike wakhanda uthando Kanti usukhanda inzondo,inzondo yafike yabhidliza ubulisa ,
Bakwethu ngisho umuntu wes’fazane esekhala umlisa ubona isitha ,akabesabona ukuthi usitha is’thunzi Sakhe sokuba umlisa phakathi kwis’fazane, ngazi unembeza washonaphi?.
Ukubulawa kwabantu besifazane sekwa phenduka istayela, kwenzeke nawe uphenduke istayela ejele ,
Umshaya uphindelela ngoba uyazi ngeke aphindisele,mina seng’bona engathi emqondweni wena usele.
Ngeke ngisaqedela ngoba unembeza wahamba nemcabango kumlisa.