Ngivumele ngikhulume lendaba

Noma ibuhlungu kodwa ngizyoncenga.

Isihlahla siwiswa ngoseduze kwaso

Zwana ngamngikutshele.

Intomb’ezalamina yaphelezela ugowayo ingenalutho

Yabuya kwangalalwa kwembula kwembeswa.

Ukube umkhulu akalwanga

Ngaba angizange ngizalwa.

Ngangiyozalwa ubani edlulile

Owayezozala mina?

Intombi yakwa Ntuli eyayigane ukhokho wam’Dlamini yamtholela ingene eziyi 16

Kodwa ukhulu wam yena akafikanga lapho.

Wayengafika kanjani

Isihlahla siwiswa ngoseduze kwaso?

Enganeni eziyi sihlanu ezaphila

Angazi zingaki ezadlula.

Nabaphila impilo ayibanga lula

Ngikhuluma ngabo abathathwa ulwandle laphinde laba buyisa.

Abaphenduka inkomo yomqhoyiso

Abanye abathi ayilale abanye bathi ayivuke.

Noma sebesele bebathathu esihlanwini

Nathi sifike sagqisha ngasethimbeni lika ayivuke.

Sinxusa UNkulunkulu neDlozi

Ukuthi linqobe njalo ithimba lika ayivuke.

Ziphelele oboyeni izithukuthuku

Zethimba lika ayilale.