Ngivumele ngikhulume lendaba
Noma ibuhlungu kodwa ngizyoncenga.
Isihlahla siwiswa ngoseduze kwaso
Zwana ngamngikutshele.
Intomb’ezalamina yaphelezela ugowayo ingenalutho
Yabuya kwangalalwa kwembula kwembeswa.
Ukube umkhulu akalwanga
Ngaba angizange ngizalwa.
Ngangiyozalwa ubani edlulile
Owayezozala mina?
Intombi yakwa Ntuli eyayigane ukhokho wam’Dlamini yamtholela ingene eziyi 16
Kodwa ukhulu wam yena akafikanga lapho.
Wayengafika kanjani
Isihlahla siwiswa ngoseduze kwaso?
Enganeni eziyi sihlanu ezaphila
Angazi zingaki ezadlula.
Nabaphila impilo ayibanga lula
Ngikhuluma ngabo abathathwa ulwandle laphinde laba buyisa.
Abaphenduka inkomo yomqhoyiso
Abanye abathi ayilale abanye bathi ayivuke.
Noma sebesele bebathathu esihlanwini
Nathi sifike sagqisha ngasethimbeni lika ayivuke.
Sinxusa UNkulunkulu neDlozi
Ukuthi linqobe njalo ithimba lika ayivuke.
Ziphelele oboyeni izithukuthuku
Zethimba lika ayilale.