Mhla ngikhula ngakuthembisa

Ukushintsha isimo sasekhaya

Ngikucula sengathi kuvele kwenzeke.

Ngokungazi ukuthi ukukhula

Kwemimyaka ukukhula kwezinkinga

Impilo awuyiphili njengoba ucabanga.

Ngazibophezela ngomlomo,

Namuhla sekufanele ngenze

Impilo ithi Whoo! Awuyi lapho.

Namhlanje ngisasenes’fiso ke

Esokuvus’ ikhaya

Simakade impilo engcono nabo ngiyabafisela.

Ukuthi kanjani nami angazi

Ngoba iholo lami kuyenzeka

Libe zinsalela zokudla ,ngibonge khona ukulala ngisuthi

Kodwa ethembeni angeke ngiphunyuke

Ngizohlala ngoba izinto ezinhle ziyalindwa

Ukuthi Nini nami angazi,kodwa ukuzama ngeke ngikuyeke.