Kusemnandi yena wangethembisa,

Wathi kimi mina naye sofa silahlane,

Noma bengathandi angeke sihlukane,

Nami zange ngaphupha sihlukene,

Ukumthanda mina ngimethembisile,

Ngenhliziyo yami yonke ngimthandile,

Inhliziyo yami yena uyephulile,

Kuze kube manje Inhliziyo ayipholile,

Ngesithembiso sakhe yena ungiphambile,

Isisthembisa sakho wena usifezile,

Themba lami siyohlukaniswa ukufa,

Uthando lungival’amehlo nezindlebe,

Kwahlula noma bengidonsa ngendlebe,

Uhlushwa ukuba ivezandlebe,

Yebo namuhla ngifile ngiphila,

Nakuwe kufe uthando lwami sahlukana,

Uthando lwakho kimi luphelile,

Inhliziyo yami wena uyiphulile,

Imizwa yami wena uyibulele,

Injabulo yami wena uyibulele,

Emoyeni ngifile ngiphila ngenxa yakho,

Bengilinde sihlukaniswe ukufa kwenyama,

Nenyama ikhathele ifisa nokufa,

Bengingaz’ukuthi uyongibulala wena,

Angikaze ngicabange nokukubulala mina,

Ntombazan’uyibulele Inhliziyo yami,

Inhliziyo yami ngaphakathi igaya izibozi,

Ngihlulekile ukuyipopola lengozi.