Injabulo yami isekujuleni kwemizwa yami

Lapho ukuba khona kwakho kuyintokozo

Kanye nesibusiso kimina.

Angisayiphathi eyokumamatheka

Kwakho kuvele kuthi angisangane

Inzinkinga enginazo zivele zishabalale

Okwamazolo ebona ilanga njalo uma

Ngike ngezwa iphimbo lakho.

Wena ungokhethiweyo kweyami inhliziyo

Lapho imkhonto yezitha isithi iyagwaza

Uwena umvikeli waleyo ndawo

Uwena kphela umuntu oyazi kangcono imizwa yami

Yingakho eyamiinhliziyo ikhethe wena.