Nhliziyo ayiniki phumula ithatha ibeka yenza umsebenzi wentutwane
Ngithi mangicaba hlengezele inyembezi
Kuvuke uhlevane
Sthandwa kuningi ngifisa ukwenzela ngoba phela enethunga kayisengeli phansi
Kube kuya ngami ngabe umuhle kusuka onweleni kuya ozwaneni
Baba kanti ngoneni
Ngiyazi akuna ndlovu yasindwa umboko wayo
Isimningi lemnyaka kungahlangani
Ngyazi nawe ufanelwe ukhomba ngophakathi sithenge ngalibheki ithikithi
Ngibezwe bebuza waye mfunani uma shaya inyoka
Ngiwezwe egwaza ephukela
Ngiqine ngizame ukunga khombisi ukuthi kuyazwela
Kulokhu kunkenenezile ekhanda ” inkonjane yakhela ngodaka “.
Bakununusela ngemali ngoba befuna ukulixhopha libhekile
Ngizo thini ngoba la kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe
Ngiyazi baningi mabebona igwababa liphethe baba umgobo uhlonyile ahawuke
Wena kumina uyintendele eyawela enkundleni
Ubekezele noma seyawela etheketheni
Ngamazwi uhlezi ududuza ubuyisele ethembeni
Mina sinawe inhliziyo zashada ngaphandle koye sontweni
Uthando enalo lwakho Sthandwa sami lushisa ludlula amalangabi
Asehogweni