Nhliziyo ayiniki phumula ithatha ibeka yenza umsebenzi wentutwane

Ngithi mangicaba hlengezele inyembezi

Kuvuke uhlevane

Sthandwa kuningi ngifisa ukwenzela ngoba phela enethunga kayisengeli phansi

Kube kuya ngami ngabe umuhle kusuka onweleni kuya ozwaneni

Baba kanti ngoneni

Ngiyazi akuna ndlovu yasindwa umboko wayo

Isimningi lemnyaka kungahlangani

Ngyazi nawe ufanelwe ukhomba ngophakathi sithenge ngalibheki ithikithi

Ngibezwe bebuza waye mfunani uma shaya inyoka

Ngiwezwe egwaza ephukela

Ngiqine ngizame ukunga khombisi ukuthi kuyazwela

Kulokhu kunkenenezile ekhanda ” inkonjane yakhela ngodaka “.

Bakununusela ngemali ngoba befuna ukulixhopha libhekile

Ngizo thini ngoba la kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe

Ngiyazi baningi mabebona igwababa liphethe baba umgobo uhlonyile ahawuke

Wena kumina uyintendele eyawela enkundleni

Ubekezele noma seyawela etheketheni

Ngamazwi uhlezi ududuza ubuyisele ethembeni

Mina sinawe inhliziyo zashada ngaphandle koye sontweni

Uthando enalo lwakho Sthandwa sami lushisa ludlula amalangabi

Asehogweni