Ingeyani impakamo ebantwini?

Wahlala kwelenyoni nje uzowunanaphi usawoti?

Noma singelutho emehlweni akho kodwa uyasidinga.

Noma ungazikhohlisa ma uwedwa uthi awusidingi kodwa uyasidinga.

Yithina abaxovi bodaka lokwakha umuzi wakho kanokusho.

Yithina abayokulekelela ukukhipha imoto yakho odakeni masibhahiwe.

Yithina abambi begodi oyolala kulo mhla sekuphele konke ukwazi.

Sivulele izandla uphile nathi, nathi siphile nawe.

Senze sibe wutho noma singelutho emehlweni akho.