Ingane yaziwa ngunina wayo,

Lengan’isokola ngenxa kanina wayo,

Unina way’oyivalela izinhlanhla zayo,

Unina wayo uthule nesigaxa sendaba,

Abantu bayazikhuluma izindaba,

Bath’ingane yaziwa ngunina wayo.

Unina wahlulwa indlala,

Maqede waqomela indlala,

Ngob’eth’ingane izobulawa indlala,

Lengane inendlala yeqiniso,

Lengan’iyafuneka kubo wayo,

Lengane ifuna isibongo sayo,

Mama waqhath’ingane nedlozi,

Ingane izokwehlelwa izingozi,

Mama khulula ingane yakho,

Lixhoshwa libhekile mama,

Ubukhazikhazi bona bukuxhophile,

Mama ngesenzo sakho uziphoxile,

Nenhliziyo kababa wen’uyiphulile,

Ithuba lokuba ngubaba yen’umphucile,

Ithuba lokumazi yena ungincishile,

Mama khulum’iqinis’okomuntu efa,

Mama ungakaficwa ukufa ngikhulule,

Mama khulum’iqiniso uzikhulule,

Ngikhombise iliba lakhe uma engasekho,

Injabulo yami kulelikhaya kayisekho,

Ngixhumanise nemvelaphi yami mama,

Ngiphindisel’ezimpandeni zami mama,

Ingane yaziwa ngunina wayo,