Ukubane iskhathi siyabuyiselek’ emuva

Ngabe ngiyasibuyisela,

Ukuze ngikhone nami ukukhululeka,

Baqinisile mabethi lona likholwa yizagila isina muva,

Kepha manje ukuba yingane kwangisela,

Ngoba nami ngangiyokhona ukukubona nje okokuqala uhleka.

Ngikhumbula mhla ngiqal’ ukwazi ukuthi ngimithi,

Mina noyihlo sasihlala sobabili,

Impilo yayinzima kungahlangani lutho bakithi,

Imindeni yethu yayisihlamukile,

Sase sizitabalasela kubona sizibona singabalulekile,

Kuyihlo wawumbona nje ukuthi uyajabula ngokumitha kwami,

Yize emehlweni akhe kwakubhalwe usizi,

Mntanami thina siziphilela insizi.

Ngangingeve ngijabula njalo mangibona isisu sikhula,

Njalo noyihlo engithinta kusona engiteketise bese ukhahlela,

Sasihlezi sikufisela okuhle kodwa yize sihlupheka,

Insokolo yinto ebhalwe kuthina yize noma sizama ukuhleka.

Ngifikelwa yizinyembezi njalo

Uma ngicabanga ngosuku olwalunzima,

Mntanami kwakungekho esasingakwenza,

Ngoba usuku nosuku wawukhula kimi kepha impilo yayiphika,

Ngoba zonke izinsuku imicabango beyingidla,

Sase sifinyelela esigabeni sokuthatha isinqumo yize sasinzima,

Ngiyazi lapho ukhona uyasho ukuthi isenzo sethu saba wubulima.

Ukuvela kwakho kwaba yintokozo enkulu kithina,

Kepha kwasibulala izinhliziyo ukuzwa ngodokotela ukuthi uzophefumula ngemishini,

Kwakona ukukubona kuleliya bhodlela kwakushiya izinyembezi zigobhoza,

Ngoba uyihlo wayesethenge zonke izinto zakho

Ezokwembatha nokokwenza ubisi,

Ukukubona kuleliya bhodlela yinto sasingayifisi,

Ukuphefumula ngepayipi kwakungizwisa ubuhlungu,

Ngoba ngangibona uphefumula kabuhlungu,

Odokotela basinika amaphepha ukuba siwasayine,

Kwakungeyona inhloso yethu kepha sasingenayo enye indlela,

Kwakusephula umoya ukukubona ulele ngathi kawusaphili,

Ngangivele ngivukwe umuhelo kunanele nezibili.

Isinqumo esasithatha sasinzima,

Ukuba becishe imishini iyona yinto yayisikhathaza kepha sibona incono,

Ngoba ukuphefumula ngepayipi ekubeni unganyakazi kwakusikhuba,

Isililo esasidinda ubusuku bonke wawungafunga yihubo.

Namhlanje ngibhala lencwadi ngoba ngiyakukhumbula,

Ngibhala lencwadi ngifisa wazi ukuthi ngiyakuthanda,

Ngangifisa ukukuzwa usho igama lokuqala,

Ngangifisa ukukubona uthatha unyawo okokuqala,

Ngangifisa nokukubona uya okokuqala esikoleni,

Nanamuhla ngisazisola ngesinqumo sethu,

Yize wawungeke uphile njengabanye abantwana kepha Wena ubungowethu,

Ndodakazi yami unyembezi luhlezi luzehlela njalo mangingedwa,

Ngigcine ngikhuluma ngazi ukuthi wena uyangizwa,

Futhi nezinhlungu ezingifikela njalo mangiyolala uyazazi,

Ngicela usixolele mntanami sasibancane futhi singazi.

By: Syethemba Dizzmar Thwala