Bengizolibhala ikheli leZulu inkinga ikuthi angilazi,

Kodwa nginesiqiniseko sokuthi lapho ohlezi khona kuwubukhazikhazi,

Sengikhohlwe nokuzethula, isbongo nguNtanzi

Nayi imbangela enze ukuthi ngibhale lencwadi

Nkosi sikelela,

Sesikumatikuletsheni, iy’hlwele ziphume zaphelela,

Okub’hlungu ukuthi ezinye zikhohlakele,

Inzondo nenkohlakalo zisabalele

Izitha zifuna ukusibona singaphumelele

Mdali sicela usivikele,

Baba ngenelela,

Vika Mveli, abasizondayo ubonelele,

Uhlale nathi ngisho sesilele,

Lelizwe lonakele,

Kukhona abafuna ukusibona ilanga lisishonele,

By:Prince Ntanzi