Incindezi nosizi engikhule ngaphansi kwalo

Ngikhule ngisokola usizi belubuzwa kimi

Benginobaba nomama kodwa loko bekungasho lutho kimi

Mina ngikhule kanzima angilazi uthando lwabazali bami

Loko incindezi nosizi ngikhule ngihlala kwa mlungu ngilusa izinkomo,ngizama impilo ngiphandela isisu sami

Kwazise abami abazali babe ngenendaba neyami impilo

Babeziphilela kamnandi bona bedla izambane likapondo

Behlala emabhilidini mina ngisele emakhaya ngiqhatha usizi

Inhlupheko ibuzwa kimi ,ikati lilele eziko ubusika nehlobo ngangingazi noma liyaphuma noma liyashona

Ubunzima engibhekene nabo babungaphekwami ,ngine yembe elinye kanjalo nesikhindi onyaweni ngangibhadazela ngazo

Kumanje nginesifo samakhaza angazi ngizokwenze njani

Ngoba abami abazali abanandaba neyami mpilo

Ngihlezi ngibuza umbuzo owodwa kuthi kungani bangiletha emhlabeni

Kungani bengangicimanga umoya mhla ngizalwa kunothi ngiqhathe usizi nencindezi.

Kumanje kumbulwa kuyambeswa la kimi isifo samakhaza nendlala

Izinhlungu nobuhlungu engibuzwayo ngathi angizalwanga ubaba nomama

Ngabe ngangiyisiqalekiso na kungani eyami mpilo inzima kanje

Ngincamela ukufa kulezinhlungu nobunzima kanye nosizi engibhekene nalo

Ngikhathela kuphila kulomhlaba manje

Angivele ngithathe indlela elula eya ezulwini kunokuphila lempilo emahlibihlibi

Angisoze ngaba nothando lwabazali bami ngoba nabo ababanga namfudumalo nothando

Imina owenu nombulelo shabalala ebergville mangwaneni

nginithanda ngothando olusidudla