Nangu Stheklwe zikhulumela!

“Ngifunukuphili mpilwe ncono, ng’phile nabantwe sizo sekelana, 

sibe nobudlelwano buhle.

Abatholakali bantwu eng’funu k’phila nabo.

Abanye ng’phila nabo, kodwa ng’valekile, ang’baboni.

Noma ngithi sengiyababona, bavele bahambe 

kufa kufike kubathathe, ng’khale kakhulu.

Ngizibuze kuthi kanti kungane yami mpilwi nje?

Ayivumi ngijabule.

Ayikholentwe bizwa ngempumelelo, inhluphekwi semahlombe ami.

Kanti ngoneni, ng’hluphekelani?”

Uyafisa kuthi kube ngabe uyasebenza.

Abenemali vusikhayalakhe.

Athole uMfazi, bathole nezingane.

Uyafisa kuthi kube ngabe uphila impilo encono.

Uyafisa kuthi kube ngabe akukho ukufa.

Angabikhohluphekayo, impilwibemnandi.

Uyafisa kuthi kube ngabe uthola indawo enkulu,

 akhe khona ikhaya, aphinde alungise ikhayalakhe ahlalakulo eVilatura.

Kodwa kunzima ngoba uyazi kuthi ezinye zezinto azifisayo asoze zifezeke.

Uthebuza yona lenkondlo, “kuyozekubenini kunjena?”

Kulomhlaba uStheklo uphila ngathi uboshiwe!

Ufisa kubekhonozomkhulula,

 amuphuthando aphe yona lenkondluthando.

Naye abenempilo encono, afeze onke amaphupho akhe.

Kungabakuhle makungaba nomuntu ozothi, “Sawubona Stheklo!

Nawu msebenzi, k’sasa ngikufunemsebenzini.

Hambuyemsamu yobonga bonka bangasekho.

Ngizwilu ngitjelu kuthu kowadlala ngama thubakhwe mpumelelo.

Ngiyazi, ayikholuli mpilo, uvuku ngazu yodlani.

Kuyababa kuthu sungazu phelelwe zimpahla zokumbatha.

Thatha lethubu lisebenzise, ngavumu kuhlupheka likhonithuba lokwenzo kuhle.”