Noma bengithanda ukunifundela
Bantabam kodwa angeke ngikwazi.
Indlela yokomfundo ifana nokufa
Ayihanjelwana.
Neliswani yikho enginitshela kona
Ukuthi iyisikheye sekusasa lenu.
Nam ngimajazi jazi nje
Angizenzi, bengilelwa lona ikusasa leli enilibonayo.
Uma kwenzeka nibhekana nobunzima
Nize ningaliphonsi ithawula.
Kuba mnyama kakhulu uma sekuzokhanya
Okuza kalula kuhamba kalula.