Noma bengithanda ukunifundela

Bantabam kodwa angeke ngikwazi.

Indlela yokomfundo ifana nokufa

Ayihanjelwana.

Neliswani yikho enginitshela kona

Ukuthi iyisikheye sekusasa lenu.

Nam ngimajazi jazi nje

Angizenzi, bengilelwa lona ikusasa leli enilibonayo.

Uma kwenzeka nibhekana nobunzima

Nize ningaliphonsi ithawula.

Kuba mnyama kakhulu uma sekuzokhanya

Okuza kalula kuhamba kalula.