Uyisibani sezwe

Uyiphakade lezwe

Ungukukhanya kwezwe

Ukhanyisa bonke ubumnyama bezwe

Ilizwe eligcwele ubumnyama benhlupheko

Kungani ungakhanyi zikhathi zonke

Ukuze ukwazi ukuqeda ubumnyama

Ubumnyama obugcwele emhlabeni

Ubumnyama obuletha inhlupheko nenkohlakalo

Inkohlakalo egcwele ilizwe lethu

Ubungeke ukwazi ukukhanyisa konke

Kuvele ukukhanya kodwa

Kuvele injabulo kubantu

Bekwazi ukuphila ngaphandle kobumnyama

Uyisiphephelo sethu sonke

Uyimfudumalo yethu sonke

Uyithemba lethu sonke

Ukhanyisa konke okuhle