Ikusasa lami liqhakazile
Ikusasa lami lisezandleni
Ngiyafisa ngelinye ilanga mhla ngiqeda ukufunda ngibe nekusasa eliqhakazile.
Ngiyafisa ukubona umzali wami nomndeni wami bejabule ngosuku lokwethweswa iziqu.
Yeka lomuzi omuhle omkhulu, 
Abantwana bami
Kanye nomyeni wami, 
Sihlezi ngokujabula ekhaya elifudumele, 
Elinomsma kanye nobaba.
Angisaphathi eyalomsebenzi engiwufundele iminyaka
Ngiwa ngivuka ngingenabani.
Ngathi ngiyabona nabantwana bami sebesemfundweni ephakeme
Bejabule.
Ikusasa lami lisezandleni zami.
Ngiyabonga!!