Kungenzeka uzonda wena

Noma uzonda mina.

Aluqali kanje uthando,

Akakushelanga ngani eqala ukukubona?

Ikabili lento

Akafiseli wena

Noma akafiseli mina okuhle.

Ngithi vala amehlo

Nendlebe zakho ungalingeki.

Yeneliswa uthando lwethu

Ungakhohliswa umlilo wamaphepha.