Sebekhala bekhihla esikanNandi

kodwa amandla abo awapheli.

Sebethukwa behlukunyezwa

kodwa ububona abupheli.

Baqotho bona ngoba imbokodo

nesisekelo bayayiqotha.

Kukhulu abakwenza ezimpilweni zethu.

Amile amakhaya ngenxa yabo.

Kwala ngisho sengikhala

phela ngithuliswa nguye lo

ongowesifazane oligugu.

Bayabumela ububona bavumeni!

Yeyi ngithi imile imbokodo kwesethu isizwe,

nami ngiyavuma.

Kuwe mbokodo ezala mina nomunye,

namhlanje ngikunika isicoco sokuba

ngumxazululi nomelaphi wesizwe.

Namhlanje ngikunika umqhele wobuqhawe!

Ngithi qhawekazi lesizwe!

Awugcinanga ngokuthi uphile nomuntu

ngaphakathi kuwe, izinyanga eziyisishiyagalolunye

kepha uthande owakho umuntu, waze wathanda okungeyena owakho.

Yingakho ngithi uyimbokodo,

ungumama wesizwe.

Halala muntu wesifazane halala!

Halala mbokodo halala!

Igama lamakhosikazi alibongwe ngiyavuma!!