Icala lami nephutha engleza kuwe mina anglaz,

Wancamela ukungdla amathambo,

Wasungkhipha singakafiki iskhathi,

WeMa! Ngbhala lencwadi ukuze wena wazi,

Kwakuyimina impendulo yemthamdazo yakho yeminyaka,

Wawungeke ube ngumngani nendlala,

Wawungeke uphinde undle phansi,

Ngisho neynyembezi zakho zayngeke ziphinde ziwele phansi,

Yebo! Min ngykuxolela,

Kodwa nghluleka ukwamukela ukuthi kwabezizwe wangkhaphela,

Yeka sengkhala,

Nawe iynseka zikubulala,

Wabekezela,wathi dokotela qhubeka,

Ngangithi min esbhedlela baykuhlupha,

Kanti cha uqome ukudayisela abokfika ngempilo yam wasekhetha ukunghoshula,

Ngempela weMa icala lami nesono sami engasenza kuwe min angsazi

By Nkule Imbongi