Hamba juba bayokuqhuth’phambili

Noma uyobaqhutha phambili.

Ngincengile futhi ngilwile

Kodwa anginqobanga.

Impi ebengiyilwa ibidinga ibutho

Laba bili kuphela

ngoba owesithathu ubezoyona.

Ngilalile ngingadlile

Hayi ukuthi imali bengingenayo.

Zingiphelela ingub’zokugqoka

Kodwa angizithenganga.

Injabulo yakho ibiphambili

Eyam isemuva.

Bekungijabulisa ukuthokoza kwakho

Ngikhohliwe ngokwami.

Ngibaqhelisile ebebengivula amehlo

Ngithi bangenaphi othandweni lethu.

Ngiwubonile umon’ubhaliwe

Enkulumeni zabo

Ngathi abakufuni.

Ongafuni wena ubengafuni mina

Ngoba wena ubuyimina kimi.

Uyiphilile inhliziyo yam

Ngikuthanda ngothando olungenasikali.

Noma usungahamba

Angezi ngikukhalele.

Kepha ngokhalela isikhathi sam

Sokuthanda wena ungangithandi.

Aseshabalele amathemb’othando

Abayokulama bayongixolela.

Uma ibhubesi elikhandwe uwe

Selibamise ngomlenz’owodwa

okweqhude lenkukhu libik’sihlobo.

Hamba juba bayokuqhutha phambili

Noma uyobaqhutha phambili.