Ngiyalizonda iqiniso lokuthi nginomndeni.
Ngoba ukube anginawo
ngabe angizange ngibe sebuhlungwini
kuleminyaka emisha eyedlule.
Ngabe angizange ngigwazwe igazi
lami emhlane.
Ngabe angizange ngilahlwe ibona.
Ngabe anginayo lemizwa
enginayo njengamanje.
Ngabe angikulangazeleli
ukugonothwa yibo.
Ngibabona nsuku zonke kodwa
baqhelile kumina.
Ngathi asinabuhlobo.
Owangithwala izinyanga eziyisi
shiyagalolunye wangiqambela amanga
iminyaka eyishumi nesithupha.
Owathwala umama wami izinyanga
eziyisi shiyagalolunye wangichapha
ngezinhlamba engeke ngakwazi
ukuzixoxela omunye umuntu.
Ayikho into ebuhlungu njengoku
hlanganyelwa ilabo obabiza
ngomndeni ngaphandle kwesizathu,
ukujikelwa yibo.
Kungekho ndawo ongaya kuyo
ukuba ududuzeke.
Ngifuna ukugqashuka kubo.
Ngibaxolele.
Ngifuna babe yimuva lami
Kodwa bazoba kanjani imuva lami
ngisahlezi ngisabonana nobuso babo
zonke izinsuku.
Ngibaxolele.
Kodwa angikwazi ukuzenzisa
engathi asihlali endlini eyodwa
negazi elilodwa.
Kungcono ukube angizalwanga
kunokuba ngizalelwe kulabantu
engibabiza ngokuthi umndeni.
Yebo bangumndeni kodwa hhai
owami nginesiqiniseko ngalokho.
Bayizitha zami ezicashe
ngokuba ngu’mndeni’ kumina.