Ukugema ingxabano ezingenasidingo kuhle umuntu eneliseke la ekhona.
Ave kucasula ukuhlaselwa umuntu athi uzokushumayeza, kuhlule noma usumtshela ukuthi kukhona la usonta khona yena aqhubeke adaze inkani akushumayeze, agcine esekujikela umuntu wakhona agxeke ibandla okhonza kulo.
Yazi abanye abantu ungafunga ngathi bake bafa baya ezulwini babona ibandla okuyilona elingenisa abantu ezulwini!
Mtaka mame asingaqhathwa ubala yeneliseka la ukhona, siyeke nathi sinethezeke lasikhona.