Cingo
Ngifisa ngabe nginguwena
Ngifisa ngabe ngibaluleke njengawe
Ngithandwe nginakwe njengawe
Ngidume ngihlonishwe njengawe
Njengawe bethi mabengibuka bamamatheke
Balibale bathatheke
Njengawe ngibe nabangani abaningi
Ngibe u saziwayo womhlaba wabaningi
Njengawe Dumezizweni ngi dume ezizweni eziningi
Nginakekelwe
Ngivikelwe
Ngihlonipheke
Njengawe Cingo .