Hlezi zincane izibongo ZAMI,
Ngiswele imilomo eyinkulungwane yokunibonga,
Okuyisizathu sesiqhumo sokuba ngilobe lenkondlo,
Hlezi ngiyothola amandla ngisike elijikayo.
Baningi abangalitholanga lelithuba,
Ithuba lokuba nabazali okanye baphelele ngezizathu ezahlukene,
Ngenhlanhla mina nginakho konke, ngikhomba ngaphakathi,
Impela umdali ungibusisile,
Ngiyavuma nezivunguvungu ziyaba khona ,
Kepha konke kusayimpilo.
Kuthiwa umdali akasiniki esikufunayo,
Kepha usinika esikudinga,
Oku wubufakaz bezigameko nezehlakalo ezimpilweni zethu,
Ezisifundisa, zisikhulise ziphinde zisakhe singabantu.
Kepha kuyekugaxele kongaboni ebese esegxeka konke ,
Hlezi kuthiwa uma ungenanqondo ,
Asikho isidingo sokuthi ubone ngobo vele ngeke kwasiza ngalutho,
Ngilubonile uthando, imfundiso eninginike yona ,
Ngethembisa soze nganibhekisela phansi,
Ngifunde lukhulu.
Sibusisiwe isandla esiphayo kunalesi esamukelayo,
Kulokho ngibonga umdali ngokungipha lesi sibusiso,
Akuvumi ngithule,
Ngiswele eyinkulungwane.🙏🙏