Angisazi isibindi esingaka ukuthi abantu basithathaphi! Uma usatshala abantu bayakubukela ma ucela usizo babalekele ukuzephula, noma usuhlakula ucela usizo bayabaleka kodwa uma usuvuna bayaqala basondele bazidlise satshanyana bafune ukukulekelela.

Bekuyini ukungithengela okukodwa nje kwesikole, noma ungiphe noma yimali yegwinya ukuze ngizokukhumbula masengiphumelele. Uzovele uzoqhamuka sewungibikela usizi lakho kodwa mina bengithi njalo mangifika ulandule ubengumuntu ongena mali, kuhlule ngisho ngifike ngosuku lokuhola uthi awunalutho.

Vuna okutshalile, nami ngizoyiphika ngisho ikhona imali ngoba ngafunda ngawe. Mangikwenzele engikwenzela khona ngoba kusuka othandweni lami hayi ukuthi ucele sengathi kukhona owangisizangakho.

Bathi isondo liyajikeleza