Asibamukele singaba gxeki

Futhi singazenzi ngcono kunabo.

Balwile ukulwa okuhle

Abanye baphumelela, abanye kwehlule khona ukwenza.

Asingazikhukhumezi nathi sashelela

La sashelela khona, savuka sizithatha.

Asibe yimikhomba ndlela kubona

Njengoba nathi sazi ukuthi inyathi ubuzwa kwaba phambili.

Siyimibele egwansile lapho bezo kleza khona

Basuthi ngolwazi lendlela abafisa ukuzithatha ezahluka hlukene.

Sizinqolobane ngokwahlukene

Abafisa ukulungisa nabafisa ukuqhubeka mabasizwe ithi.

Asiwamukele amaqhawe nama qhawekazi akithi

Ayibambe ishisa kusukela ekuqaleni baze bayofika ebangeni le 12.