Bengiyingane njengezinye,

Ngithanda ukdlala njengabanye,

Ngihlonipha,

Ngizula njengezinye ingane,

Kodwa manje angisekho ngedwa,

Sengiphila nethongo,

Sengiphilela uksiza abantu,

Angisakwazi ukhlala nabantu

Ngoba ngizithola sengibatshela indaba zabo,

Angisazuli ngoba bangisola ngokuthakatha,

Ngyaxakeka ngoba ngumtanyana osakeskoleni,

Manje ngithakatha bani.

Ithongo lami liyakhala,

Bathi lamandle dlozi eza ngosizi,

Sengivumela amandle dlozi

Hayi okunye,

Sengithandaza abadala

Mihla nemihla,

Phela lesipho ngasishiyelwa amadala,

Noma siza nosizi kodwa ngivumela

Amandle dlozi.