Ukuba namahloni kungesinye seziphiwo umuntu azalwa naso. Anobuhle nobubi uma uzinikeza isikhathi sokuwabuka.

Ubuhle bamahloni: umuntu onamahloni kukancane ukuzwa kuthiwa uyaquliswa ngoba isikhathi esiningi uzihlalela yedwa engakhulumi. Angikhumbuli esoleka ngokungahloniphi, akavamile ukuphendula ngisho ethunywa.

Ububi bamahloni: Esikhathini esiphila kuso kusebenza kakhulu isisho esithi usana olungakhali lufela embelekweni. Uma ungaphumeli obala akulula ukuthi usizakale. Emisebenzini eminingi sekungenwa ngokuthi wazibani, nasendaweni lapho kunemigqa uzithola uhlehlela emuva noma umi endaweni eyodwa abantu bengenisana, uze ugcine ungasizakalanga ngoba ungazani namuntu.

Zonke izinto empilweni zinezinhlangothi ezimbile elinobuhle nelinobubi, kunga sisiza ukuzinika isikhathi sokukhetha.