(KuseMadadeni ngaphansi kwesihlahla lapho uNgomane ekhuluma namakhosikazi akhe.)
Msindazwe: Eh MaDladla nawe MaMthembu ngithi anginazise la ukuthi nginesifiso sokuthi ngenzele amadodakazi ethu umemulo njerh omncane hhayi into enkulu, nginitshela njer ngoba angifuni nibe senizwa ngondaba kodwa nizwe ngami futhi benginesifiso sokuzwa ukuthi nina nicabangani?
MaMthembu: Ai Ngomane mina ngibona kuwumuqondo omuhle lowo ngoba phela sesiside isikhathi amantombazane lawa eziphethe kahle ngakho ngibona kungakuhle ukuthi nawo akhonjiswe ukuthi izinto abazenzayo ziyabonakala.
Msindazwe: Ngiyakuzwa maMvelase, engabe wena Mgabadeli ucabangani?
MaDladla: Mina njengo ndlunkulu wala ka Msindazwe bengibona kukuhle ukuthi kube neqiniso ngoba phela sonke siyazi ukuthi u-Amanda uyena Mafungwase walay khaya ngakho bekungangcono ukuthi uma kukhona uMagida afisa ukuthi akwenzele indodakazi yethu angayixovi nabanye abantu ayenzele kahle njerh into yayo yodwa ekhethekile.
MaMthembu: Sisi ingabe inkulumo yakho iqondeni noma isho ukuthini?
MaDladla: Cha dade inkulumo yami iqondile njerh ithe thwi… Kahlekahle engikushoyo ukuthi u-Amanda akahlungwe eningini ngoba engu Mafungwase wako Ngomane nguyena okumele emuliswe ngoba hhayi impela sesiside isikhathi ingane yami iziphethe kahle.
MaMthembu: Kanti-ke akuyi ngobufungwase noma ini la ngoba umuzwile ukuthi utheni uMsindazwe, uthe unesifiso sokwenzela amadodakazi ethu sobabili hhayi uMafungwase kodwa womabili amadodakazi esamuzalela wona njengamakhosikazi akhe ngakho-ke no Akhona kumele abe yingxenye yalo memulo.
MaDladla: Ngoba nami sengike ngasho-ke ukuthi uMafungwase wam uyena…
Msindazwe: Wo ake ningimeleni ngithe nginesifiso sokuwenzela womabili amadodakazi ami lomcimbi ngakho uma kuzoba nokuxokozela okunje asizokuzwana mina nani. Okunye wukuthi uma ngabe bobabili besayizintombi nto bazoba yingxenye yomcimbi bobabili kodwa uma kuwukuthi kukhona njerh lo oyedwa osezithathele isinqumo engakagani nokugana wakhetha ukuyovulwa angeke aze abe yingxenye yalomcimbi. Ngithembe- ke ukuthi sizwene sonke.
MaMthembu: Kuzwakele kakhulu Baba.
MaDladla: Ngyezwa Myen Wami
Msindazwe: Kuhle-ke uma sizwana sonke, seningakhululeka.
(Basuka bahamba baya koxoxela amadodakazi abo lezi ndaba ezimnandi kodwa uyabona njerh ukuthi uMaDladla akaneme neze ngokuthi u-Amanda kumele enzelwe umcimbi no-Akhona ngakho wahamba wayotshela u-Amanda ngale nto!)
MaDladla: Amanda ngan’yami kunento okumele siyikhulume.
Amanda: Yin leyo mawami wezwakala ungekahle njerh emoyeni?
MaDladla: Akusiye yini ubaba wakho uthi ufuna ukukwenzela umemulo.
Amanda: Yizindaba ezinhle nje lezo mah pho yini ekucasulayo?
MaDladla: Ngidinwa wukuthi uthe wena uzokwenzelwa umemulo no-Akhona, yini ethanda ukulokhu ekuhlanganisa nalento ewu Akhona.
Amanda: Ini? Kungani kumele ngenzelwe no-Akhona?
MaDladla: Khululeka mtanami ngeke kwenzeke lokho ngoba uthe loyo ozobe esayitshitshi nguyena ozokwenzelwa umemulo nawe uyazibonela njerh laphaya ku-Akhona ukuthi hhayi ngathi akuhambanga kahle.
Amanda:Kungcono-ke uma kunjalo ngoba hhayi impela ngathi uhamba ezivulela njerh untombo.
MaDladla: Wena Amanda usaphelele njerh ngan’yami?
Amanda: Ayboh Mah ungangibuza kanjani into enjalo yin awungithembi yini?
MaDladla: Akusikho ukuthi angikuthembi ukuthi ngenza isiqiniseko kodwa ke kulungile besingekho isdingo sokuthi ngikubuze ngiyaxolisa kakhulu Mafungwase Wmi.(Washo esukuma ehamba.)
(Wasala u-Amanda wafonela umngani wakhe uZinhle.)
Amanda: Mgan unjn?
Zinhle: Ngyaphila mngan wena?
Amanda: Akufani oe ukucikeka njeh kuphela
Zinhle: Yin Manje sebekwenzeni?
Amanda: Akusiye yini ubaba uthe uzongenzela umemulo no-Akhona. Yazi mina angiqondi kahle ukuthi ubaba ngamenzani ukuthi sengaze angihlanganise naleliyagundane engingalazi nokuthi elakuphi ngoba hhayi akusilona njerh elaka Mdletshe leliya ngeke. Kuthiwe uphinde wathi uzokwenzela umuntu osayintombi nto uyacabanga.
Zinhle: Ima-ke mngani uMafungwase wonke nengudane izinto ezimbili ezingahlangani njer lezo cha ubaba wakho akakuboni sheim kodwa asithembe ukuthi lowo Akhona wakhona akasaphelele ngoba uma ngabe ephelele sizoba nenkinga enkulu.
Amanda: No mah usho njalo asithembe ngempela ngoba hhayi kusazonyiwa.
Zinhle: Kulungile ke mngani wami nami kusamele ngibaleke uMah usezobuya edolobheni kumele ngithi ukuthintitha kancane la engiketshise khona.
Amanda: Iyobonana-ke bye.
(Wavala ucingo wahlala phansi waqhathanisa usizi lwakhe ngoba phela wayazi ukuthi wayeselimele ngoba akasesiyo intombi nto nokuthi umama wakhe uzophoxeka ngoba ubemthembile nanokuthi umqambele amanga.)