AMAHLE: Sawubona sisi

OLWETHU: Yebo sisi unjani ?

AMAHLE: Ngiyakwamulela e Salon yami, uzokwenza ikhanda noma izinzipho?

OLWETHU: Ngizokwenza ikhanda ngoba ngiyashada ngo Mgqibelo. Phela mina ngihlale ngifake iduku ekhanda ngakho angizigezi izinwele. Manje ngiyaqala nqa ukwenza ikhanda lami.

AMAHLE: Umuntu wesimame kumele ehlale ehlanzekile, enze ikhanda lakhe. Uma uhlanzekile, uba nokuzethemba

OLWETHU: ( ethukuthele egane unwabu ) Manje uchaza ukuthi mina angihlanzekile

AMAHLE: ( ezama ukumehlisa umoya) Cha sisi, mina bengizixoxela nje ngokuhlanzeka. Ngicela wehlise umoya

OLWETHU: Ngiwehlise kanjani umoya wena uthi mina angihlanzekile

AMAHLE: Sisi bengingasho kanjalo