(UZinhle umi ngaphandle kwesango lwesikolo sikaKwanele uzolanda uKwanele njengoba iskolo sesiphumile)

Kwanele: (Engena emotweni) Mama uphi Ubaba?
Zinhle: (Ehleka kancane) Hhawu Kwanele awusangibingeleli?
Kwanele: Sawubona Mama uphi ubaba?
Zinhle: Ubaba wakho ubambekile emsebenzi mntanami.
Kwanele:(Ephoxekile) Kodwa mama ubuthe nguyena ozongilanda namhlanje kungani angangilandanga?
Zinhle: (Ngolaka) Kwanele Ubaba wakho usemsebenzini! Besengikuchazele nje!
Kwanele: (Athule okwesikhana ebese ethi) Mama namhlanje siyaya kagogo? Umalum’Mvelo ungithembise ukuthi uzongipha imali.
Zinhle: Ave uyithanda imali Kwanele. (Ehleka kancane) Yebo siqonde khona kuyimanje.

(Emva kwesikhana bafike kwaNaSkhosana. Bathole uMvelo ehlezi ngaphandle ngasesangweni.Asukume abavulele isango)

Kwanele: Malume! Ngicela imali yami!
Mvelo: Awukhohlwa ne? Ngena ubingelele ugogo uma ubuya ngizonikeza.

(UKwanele agijime angene endlini ashiye uZinhle noMvelo bemi bodwa)

Mvelo: Ave ehlupha kodwa uKwanele.
Zinhle: Nguwena nje owam’jwayeza imali. Buka ke manje ukuthi useyithanda kangakanani.
Mvelo: Kahle sisi, uKwanele ukuthatha kuwe ukuthanda imali.
Zinhle:(Ehleka) Angikushiye ngoba ngiyazi ukuthi angeke iphele le.

(UZinhle angene endlini, afice uNaSikhosana asekhishini.Afike ahlale phansi esihlalweni. Ashiye uMvelo eyedwa ngaphandle. Emva kwesikhashana aphume uKwanele, baye eSuphamakhethi bobabili)

Zinhle:(Ngokudumala) Ma kanti kunjani emhlabeni?
NaSikhosana: Ngane yami, lana kusemhlabeni. Izinto ziman’ukwenzeka.
Zinhle:(Echiphiza izinyembezi) Mama, uSipho useqalile futhi.
NaSikhosana(Ngokudideka): Usho ukuthini uma uthi useqalile futhi? Useqale ini umkhwenyana?
Zinhle:(Ekhihla esikaNandi isililo) Mama seng… seng… seng’khathele! Ngiyasha kulomendo engikuwona! USipho … mama angisakhoni!
NaSikhosana (Asukume amuthelele Amanzi anoshukela): Musa ukukhala ngane yami. Yehlisa umoya. Uthi umkhwenyana useqale ini lena ekukhalisa kangaka?
Zinhle:(Esewehlisile umoya): Mama, uSipho useqalile uyangijolela futhi.
NaSikhosana (Ngokumangala): Imihlolo! Umkhwenyana uyakujolela?! Uma uthi futhi usho ukuthi akaqali ukukujolela! Habe!!
Zinhle: (Echiphiza izinyembezi) Mama ngizamile ukukhuluma naye, kodwa akangizwa nhlobo. Ngike ngamufica ethumela abantu besifazane imiyalezo abathembisa izulu nomhlaba, abatshela ngalendlela abathanda ngakhona nokuthi Mina ngingumuntu ongathi shu kuyena. Mama angikaze ngiphuke umoya ngalendlela. Asisamazi nhlobo kulezinsuku endlini. Uvuka ekuseni ngovivi athi uya emsebenzini, abuye ebusuku sesilele, ilanga sekudala lasithela.
NaSikhosana: Nangu umfana efuna ukungibulalela indodakazi yami yokuqala neyokugcina. Ngaze ngaphatheka kabuhlungu.
Zinhle: Angisakhoni mama, seKwanele manje.
NaSikhosana: Angazi ngithini Zinhle. Ziyashaqisa izenzo zikamkhwenyana! Habe!
(Kungene uKwanele endlini, asule izinyembezi ngokushesha uZinhle)

Kwanele: Mama buka umalume ungithengeleni(Esho emkhombisa amaswidi)
Zinhle: Hawu! Siyabonga Malume. Ma sesiyahamba. Mhlawumbe sizobuya futhi kusasa. (Esukuma)
NaSikhosana: Nihambe kahle. Sizokhuluma kahle kusasa uma uphumelele ukuza. Uzoba kahle ngane yami ungakhathazeki. Bye bye Kwanele.

(Bahambe.)