(Engadini kwa Shoba uZinhle uyanisela ugqoke izimpahla ezingekho esmeni )
Ntombi: Sawbona Zinhle mngani wami mehlo madala bengithi ngizokubona emagcekeni eskole kepha lutho.
Zinhle: Hhawu!!!mngani wami bengizoza kanjani esikoleni ngoba u anti akanayo imali yokungikhokhela esikoleni ,neyokungithengela umfaniswano wesikole kanti mina anginabo nabazali mabesho bathi umama washona ngenkathi engizala kanti ubaba washona ngineminyaka emithathu engozini yemoto (esho ebibitheka ekhihla esikaNandi)
Ntombi: Uxolo mngani wam bengingazi thula kuzolunga esho naye ekhala)
Zinhle: Mngani wam hamba uye ekhaya uyazi umama wakho uzothetha sekyahwalala
Ntombi: Yebo mngani wami usale kahle (emphakamisele isandla)
(Ekhaya kwaXulu estezi umama kaNtombi ukaMamba uhleli uphuza itiye)
Ntombi: Mama ngicela welekelele uZinhle akayi esikoleni ngoba u anti wakhe akanayo imali yokumkhokhela esikoleni neyokumthengela umfaniswano wesikole kanti futhi akasenabo nabazali (elanda)
KaMamba: WeNtombi mntaka Xulu ngithe hlukana nezichaka inkinga yakho awuzwa (esho ngesankahlu)
Ntombi: Mama awunantliziyo awubacabangeli aba……
KaMamba: (avale uNtombi ngempama)
Ntombi: Mama ungishayela iqiniso (akhale kakhulu😭)
(Kungene uXulu)
Xulu: Kwenzakalani emzini kababa yini kaMamba uyishayelani ingane?(ezibuza)
KaMamba: Buza yona lento (ekhomba uNtombi)
Ntombi: Baba……(emchazela yonkinto)
Xulu: Hawu! Kodwa KaMamba kwenzenjani yini ubenesihluku esingaka umdala kanje
KaMamba: Baba think sicebe kabi uma umphakathi ubona ingane yala ekhaya idlala nezichaka bazothini?
Xulu: Ntombi yiya ekamereni lakho ngifuna ukukhuluma nonyoko
(uNtombi aye elawini lakhe besale bexoxa uXulu noKaMamba kepha ukaMamba akamuzwa kahle uXulu uma ethi asiyisize ingane uvele wavala inkulumo wathi kusasa uya kumngani wakhe avele athule uXulu ahambe ayolala)
(Avuke ukaMamba azilungise ageza agqoke ubucwebe bakhe athathe imoto yakhe eyintandokazi elibangise kwaJonhson)
KaMamba: Ngiyobona umngani wam
Xulu: Hamba kahle mama (amcabuze esiphongo)
(Esezofika kwaJonhson ebone imoto ima ebone amadoda amabili ephethe izibhamu ethi akehle emotweni)
KaMamba: Ngicela ningangibulali ngiyacela thathani konke imoto nobucwebe (abanike ukhiye akhiphe amacici nomgexo)
Isibengu: Voetsek khipha inyuku (efaka ukaMamba impama)
(Eqhamuke uZinhle ubebuya ukuyodayisa amaveji ambone umaka Ntombi aphuthume abize omakhelwane babize amaphoyisa aqhamuke amaphoyisa azibophe izigebengu)
(UKaMamba wabona ukuthi usizwe ngu Zinhle waxolisa ngokumcwasa wamkhokhela zonke izindleko zesikole wabathatha yena no anti wakhe wabathengela umuzi)
(thanks for reading wrote by sphelele sphokazi mamba I am twelve years please support me)