(UZinhle uhlezi kwenye indlu emini uma eseqede ukupheka waphaka wahambisa ukudla endlini lapho kukhona umalume no malumekazi wakhe)

Zinhle🙁ekhuluma yedwa) “ihhe! Kambe kusasa ngiya esikoleni ngiyazisa ngisayoba yihlaya isikole sonke eyi Kazi uyophela nini unyaka kodwa ayikho ijika kumele ngiyekhona noma kunzima nje.”(Kungene uMaZungu ngaleso sikhathi bese bekhuluma)

Zinhle:(ngokuthuka) hawu malumekazi seniqedile njalo ukudla masinya kanjena?

MaZungu:( ngomoya okhathazekile) cha akunjalo mntanami, umalume wakho usele yedwa ngale uyadla mina ngize lana ngoba nakhu ngifuna ukukhuluma nawe.

Zinhle: ufuna ukukhuluma nami malumekazi? (Ngokumangala)

MaZungu: Yebo Zinhle kumayelana nokubone ekuseni.

Zinhle: yazi malumekazi bengixakekile ukuthi kungani bewungaleya ndlela, kwenzekeni vele malumekazi?

MaZungu: yize kuyindaba yabantu abadala mntanami kodwa ngoba ubonile ngizokutshela ke. Sike saba nokungaboni ngaso linye sino malume wakho okube sekufinyelela ekutheni aze angiphakamisele isandla kodwa ke akulutho olutheni sesiyilungisile leyonto futhi into engizokucela Yona ukuthi ungalinge umtshele UThobile ngalento ngiyakucela, ngoba nawe kumele ngabe awuyibonanga sdalo nje.

Zinhle: kulungile malumekazi ngizokwenza njengoba usho nje, angeke ngimtshele umzala ngoba iyomphazamisa nasesikolweni, kodwa ngiyathemba bekuqala kugcina malumekazi angithi?

MaZungu: nami ngithemba kanjalo Zinhle ngoba lento izoniphazamisa niyizingane zalayikhaya.

Zinhle: kona kunjalo malumekazi.

MaZungu: kwathi ukuba nconywana njengoba sengikhulume nawe yazi.

Zinhle: ngiyajabula nami malumekazi ukukubona umamatheka kunalento bewuyiyona ekuseni.

MaZungu: ayi Wena ukuthanda izindaba zabantu abadala njalo (bahleke)

Zinhle: ayi malumekazi akumina othanda izindaba kodwa izona ezisuke lena ekudeni zasondela kimi. (Ngohleko)

MaZungu: awuke usho Zinhle mntanami Kanti lokhu kugula okukuphethe akupheli yini ngoba phela kumele ngabe Kade wabuyela esikoleni?

Zinhle: yazi malumekazi ukhuluma into ebengilokhu ngiyigidagida emqondweni wami njengoba bewungena nje.

MaZungu: qhuba ngilalele, uyigidagide wagcinaphi ke?

Zinhle: ngize ngafinyelela esinqumeni sokuthi kusasa ngibuyela esikoleni yize ngingakalulami Kahle kodwa sekumele ngiye esikoleni.

MaZungu: Kona uqinisile ke lapho Zinhle, ngoba uyasala phela nasezifundweni futhi sekuzomele sikuse enyangeni manje ukuze kuyobonakala ukuthi yini ngampela lena ekuphethe.

Zinhle: angisiboni sikhona isidingo senyanga malumekazi kodwa yazi ngoba mina ngizoba kahle ngilulame kungekudala.

MaZungu: kodwa Zinhle usugule isikhathi eside futhi lokho sekungiphatha kabi njengomzali ngoba mntanami singaxabana ukuxabana kodwa ngiyakuthanda mina akusho ukuthi njengoba washiywa ngabazali nje awusamele uthole uthando lwethu njengabazali.

Zinhle: (zicwebe izinyembezi) kungabe lamagama owashoyo malumekazi, ashiwo nguwena noma wenziwa ukuthi uyangiduduza nje ukuze ngizophindela esikoleni?

MaZungu: uyabona lokhu engikushoyo Zinhle kuphuma phakathi ekujuleni kwenhliziyo yami futhi kwezinye izinto ezinokwenzeka layikhaya kuwena zinokungiphula umoya kube ukuthi kanginamandla mntanami okukusibekela ngikuphephise kuzona ngoba uyamazi unjani ubaba wakuleli khaya. (Zehle zilakanyana nakuye, bangane beno Zinhle)(Kungene uMnguni ngaso leso sikhathi besakhala, angene esememeza kakhulu)

Mnguni: (ememeza) yey! Kwakhalwa nje layikhaya sekushone bani? Ningazongihlolela ilumbo nina senimane nikhale nje kungonakele kutho? Ningangicashli mina.

MaZungu: (esula izinyembezi) uxolo baba kasikhali ukuthi nje besizixoxela no Zinhle ngezindaba zakudala manje kwabe sekuthinteka izinyembezi siyaxolisa.

Mnguni: (ngokuthetha) Kwa Zinhle lowo ebe engayi ngani esikoleni angithi sewaziphendula umahlalela wakhetha ukuduba isikole?

Zinhle: angisidubanga isikole malume ngiyagula nje?

Mnguni: Uma ungasidubanga isikole wenzani ke? Ulokhu uzigulisa unyaka wonke lana ngoba ufuna ukulova esikoleni lwabishi.

MaZungu: baba ingane iyagula kungakho ingayile esikoleni.

Mnguni: thula, Wena Thula!!! Ngizothi ngisuka ngibe ngikusakaza ngempama nje ukhuluma izindaba ezingakufuni, nx!!!

MaZungu: ngiyaxolisa baba sengithule.

Mnguni: kuyokusiza lokho ke, Wena! (Ekhomba uZinhle) uphoxa udadewethu nje ilokho okwaziyo. Kazi uyazi yini unyoko ukuthi Wena sewaba uhunta ngiyazisa ngoba unyoko wayesithanda kangaka isikole kodwa Wena umatasa nokulova, agha! Man! Uyangenyanyisa.

Zinhle: umama akenzanga lutho nje malume kungani sewumfaka lana manje ngoba phela nginesiqiniseko sokuthi naye lapho ekhona uyabona ukuthi ngiyagula kodwa ke esikoleni ngizoya khululeka.

Mnguni: oh! Sewukwazi ukungiphendula lwabishi (amsakaze ngempama) sewuzibona ungumfazi lana kwami? Lalela ke sisi Uma sewungeyona ingane lana kwami uyosiza ungiphumele ngesango ngoba phela usungumfazi. Abafazi baganile, basemizini yabo.

MaZungu: kodwa baba usungaze ufune ukuxosha ingane nje kwenzenjani? Ikwenzeni ingane njengoba sewusho zonke lezinto ozishoyo kuyona?

Zinhle:(ekhala) Kanti layikhaya ngakonani malume? Kungani njalo mina ngahlezi ngiwukudla kwenduku nje? Kungani wangithatha emveni kokushona kwabazali bami, Uma Kanti wawuzkngithwesa ubunzima ungiphendule imbongolo ehlezi Yona ishaywa kodwa ibe iphethe umthwalo, yini ngampela malume ngakwenzani ungasasho nje ngicele uxolo.

Mnguni: ngizosuke nginidinde ngemvubu ke manje ngoba seniqala ukungejwayela senikwazi nokungingena emlonyeni sekungumuzi wenu lona? Noma sonke sesingamadoda manje? Wozani sibambane njengamadosa ke (ebe efumba inqindi).(Baphume babaleke uZinhle no MaZungu bamshiye endlini)

Zinhle: malumekazi soyimisa kanjani lento ekanjena ngoba phela umalume uzosikhiyela emzini wakhe?

MaZungu: Zinhle mntanami Uma isimo sesinjena kuzomele ngibuyele phakathi endlini amane angishaye ukuze Wena uzokhona ukuphumula , ulungisele nokuya esikoleni kusasa.

Zinhle: (ekhala) Chabo malumekazi ungayi ngoba engakulimaza umalume.

MaZungu: (zehle izinyembezi) Zinhle ngizokwenza konke okusemandleni ukuze nina niyizingane nizophepha nikhuseleke.(Ahambe ngampela uMaZungu abuyele endlini, uMnguni ashaye uMaZungu aze adele abhodle)

Mnguni : ( esebhodile) nkosikazi ngicela ukuthi ngibe nezwi nawe (ebedonsa istulo ehlala phansi)

MaZungu: (ngokukhala) sekwenzenjani manje baba?

Mnguni: mama wabantwana bami ngiyaxolisa ngesenzo esenzekile kodwa yilengane esiqhathayo.

MaZungu: chabo baba ingane kayizange isiqhathe futhi kayenzanga lutho ngoba sivele sabona Wena nje sewuvuka injebomvu ususigijimisa kungakho ngibe sengibuya ngoba ngingafuni ushaye uZinhle ngoba iyagula ingane.

Mnguni: uxolo nkosikazi kungabe yena umshana uphethwe yini kahle hle?

MaZungu: chabo baba kanginalwazi kodwa uzoya emtholampilo ke kungekudala. Baba kawuke ungitshele kungani njalo lengane wahlezi uyidinelwe nje, njalo wahlezi ufuna ukuyishaya kungani?

Mnguni: yazi nkosikazi kangazi nami ukuthi kwenziwa yini ngoba njalo Uma ngiyibuka ngivele ngifikelwe ulaka nje lokuthi unina wayo wayethandwa kakhulu ngabazali bethu futhi yena walithola ithuba lokuyofunda ekubeni mina ubaba wangiyekisa isikole ngisenza ibanga lesithathu kwadingeka ukuthi ngiyosebenza ebhunwini. Manje konke lokho kungivusela ulaka ngoba nonina walengane wakhulelwa kwadingeka ukuthi umali yami engangiyithola kwamlungu ngiyicozule ngimsize lapho nalapho ngoba abazali bethu bathi bona abayingeni, baze bashona nje umama nobaba ngilokhu ngibondla uZinhle nonina lokhu okunguyise kugwinywe yizintaba zase Goli.

MaZungu: kodwa baba ingane yona kayinacala nje? Kungani wena ungaxoli undlulise okwenzekayo eminyakeni eyendlule?

Mnguni: into engicasula kakhulu ngukuthi ukube kangikhishwanga esikoleni ngisemncane mhlampe ngabe ngizimali zami kuyimanje, ngabe kangeswele lutho.

MaZungu: kodwa namanje kawuswele lutho baba ngoba usakhona ukusebenza futhi namasimu ayasikhiphela ukudla, Pho manje kungani ungandlulisi ngoba phela ungathola ukuthi nguyena Zinhle oyokusiza uma esesebenza

Mnguni:(ebabaza) mameshane! Loyo nokusiza mina? Ungakhotha indololwane inkosi impela.

MaZungu: ayibo baba yazi kungenzeka ngempela uthole ukuthi lentandokazi yakho yona ikujikele esiswini njengo tshwala njalo

Mnguni: lutho nkosikazi phela mina ngazala isiqenqe sengane into ezaziyo ukuthi ifunani empilweni ayi lezi ezinye izidomu.

MaZungu: ngiyakuzwa baba, ake ngike ngiyochitha amanzi nanka esengibhozomela. ( asukume aphume aye endlini encane)