UZinhle ubizwa uthisha uMabizela emuva kokuphuma kwesikole. UMabizela ukhathazekile ngokwehla kwamamaki aZinhle ezifundweni. Kuqala kanjalo kodwa kuthi uma uZinhle uvezela uMabizela isimo esinzima aphila ngaphansi kwaso, uMabizela athole intuba yokonakala. Le ndaba ikhuluma ngezimo eziningi abantu abancane besifazane abaphila ngaphansi kwazo ezweni lethu.AbalingisiZinhle – Intombazane efunda isikoleThobile – Umzala kaZinhle, bahlala ndawonye futhi bafunda esikoleni esisodwa

Mabizela – Uthisha ofundisa uZinhle noThobile

Mnguni – Ubaba kaThobile, umalume kaZinhle

MaZungu – Umama kaThobile, umalumekazi kaZinhle

Thabo – Umfana ofunda esikoleni noZinhle

Vela – Umfana ofunda esikoleni noZinhle

MaMkhize – Uthisha wesifazane

Mbatha – Uthisha wesilisa