Ntomb’ angazi noma sengijahe phambili noma ngizizwa, ngihlanya ngaloluthando lwethu. Selungixakile ngizizwa sengathi ngingaqhub’ amabheka ayongilandela Wena. Um’ ungathi mangibhale ngendlel’ engizizwa ngawe sekungagcwal’ izincwadi eziyizigidi. Yazi Ntomb’ Uma ngingakubonanga ngizizwe sengathi ngizohlanya ngokwengqondo. Emizweni yonk’ esengike ngabanayo ngiyaqal’ ukuzizwa kanjena. Yaz’ Uma ngike ngakucabanga ngivele ngizizwe ngijabule

Lalela Mama bengithi ngizam’ ukukufihla kepha luyangixaka loluthando. Uma ngikubona ngivele ngibon’ ubuhle bomfazi Wami wakusasa. Yazi Wena sthandwa Sami ngibona sengath’ unemilingo, uvele wadid’ inhliziyo Yami ngemilingo yothando. Angish’ ukuthi ungumhlukumezi kepha’ ungishaya ngaphakathi.

Ntomb’ angisho ukuth’ ungumakhi kepha sengiyacel’ ukuthi Kube nguw’ ovusa umuzi kababa. Ungathi sengiyabon’ usuthwabaza emagceken’ akithi. Ngicel’ uyongikhulisela abantwana bam’ abaphilayo nalab’ osazongibusisa ngabo. Ukubakhona kwakh’ ekhaya kuyokwenz’ ukuthi umama angabulaw’ isithukuthezi somuzwangedwa. Phela ntokaz’ owami umama selokh’ ashonelwa ubaba wam’ usadlala isizungu.

khethelo Lami ngicel’ usamukele isicelo Sami sekhethelo. Ngicel’ ube umsongi weyam’ inhliziyo. Ngicel’ ubeligugu leyam’ inhliziyo. Um’ ungaba owekhethel’ umfazi kungaba nginqob’ isicoco somhlaba, ngingavele ngibon’ ukuthi ukuqonywa sekuvaliwe Kimi.