Mntanomuntu ngiyafis’ ukukuthanda kepha ngithathile. Ngithathil’ isinqazu sentombi. Ngithathil’ uphuma langa sikothe. Ngithath’ ilandakazi elinyathela ngabantwana. Sengish’ uphuma langa sikothe
Uma ngingathi ngiyakuthanda kungabe ngidlala ngemizwa yakho. Loluthando lwami nomaNyathi lufana neSocial Relationship. Okuza ngasenhliziweni siyabonisana. Kangifis’ ukuphula inhliziyo yakhe. Ah imnene lentokaz’ eyanqoba len’ eyami inhliziyo. Ngiyaye ngith’ Uma ngiyibona ngizw’ inhliziyo ithi cosololi. Angithi phela ngakhetha Kahle ngakhetha ngeyami’ inhliziyo
Mntanomuntu ngixolel’ angikwazi ukuzwis’ ithemba lam’ ubuhlungu. Mina ngazibophezel’ ukuthi ngiyomthand’ ebuhleni nasebubini. Ngathi ngiyoba naye noma kunzima.
Yen’ ulithemba lami futh’ uligugu lami. Angiziboni ngiphila ngaphandle kwakhe. Yen’ ufana nomjovo olaph’ inhliziyo Yami. Ungumuthi womkhuhlane womzwangedwa Kimi. Ntokazi Ngicel’ ungixolele ngiphile Kahle naye futhi ngiyamuthanda