Ntombi ngithi angilobe loluchungechunge lwencwadi yothandondo. Ngiyiloba nje ngizizwa ngisemthunzini wesibibithwane sokulangazelela uthando lwakho. Mntanomuntu ngifisa wazi ukuthithi inhliziyo Yami ishaya ngamandla Uma ngike ngakubona, kuthi Uma ngingakubonanga ngizizwe sengathi ngilahliwe.

Ntombi Uma kunekheli elibangise kweyakho inhliziyo ngicela ungabele Lona ukuze ngikhiphe inkombandlela yemizwa Yami, ngivumele ngiyelidedele imizwa Yami ishaye inhlabaluhide iyokwakha inhlansi yethemba kuwe mntanomuntu. Uthando lwakho lungishaya ngaphakathi kuze kuyonanela esibindini nasemaphashini.

Uma ngingathola ithuba ngibe okhethekile kuwe ngingenza isiqiniseko sokuthi uzizwa uyindlovukazi kweyakho Sizwe. Sinqazu ngicela ungiphe ucu lwesethembiso ungiqome. Ngiqome ukuze ngiziqhube izinkomo zobabamkhulu zingiyele Kini zingibuyele nawe mntanomuntu.

Ukube ngiyazenzela bengizophenduka umalugaju ngibulale zonke izinhlungu nobunzima osudlule Kubo. Kodwa akusenani ngizoqala kabusha nawe kulendima yothando sikhohlwe osekudlulile. Anginendaba namathole osunawo ngizowanakekela njengawani, phela isikhukhukazi sithathwa namatshwele Aso.

Ngifisa wazi ukuthi ngikulungele ukubhekana nezinselelo osunazo empilweni. Ngifuna ukuthi bakubone ushuntsha, angeke ngibe nandaba nezimbangi phela loluthando lufana no-R350 bonke bayalufuna. Angibagqiziqakala abalufunayo phela mina ngiwuNyandeni angethuswa imithonseyana yezesheli, phela Uma weshelwa kusho ukuthi umuhle uyinkosazane yobuhle.

Lalela Mtakwethu sengikulungele ukukuthanda ngikwange ngikusingathe ngakhokonke enginakho. Lalela Mama angeke ngajaha ukukwenza isilo socansi kepha ngijahe ukukwenza isilo salombuso wenhliziyo Yami, ngijahe ukukhipha amabheka ayongilandela Wena mntanomuntu. Kodwa yazi ukuthi Wena ungowami manje, kusasa naphakade

Yimi owakho umfoka Nyandeni