Bengasiso isfiso sam ukulalela usizi lwalo gogo

Sengithe ngiyadlula ngezwa isalukazi skhuleka

Ngithe mangibeka indlebe yam ukuze ngilalelisise

Ngasiswa sikhala enkosini engumvelinqangi “nkosi yamakhosi ewonke, nkulunkulu wothando nentethelelo, namhlanj ngikhala kuwe ngiyazendlala, akekho ebengingakhala kuye ngaphandle kwakho phambi kwakho ngingumoni ngicela intethelelo “

Ngithe ngisazibuza ukuba kwenzakalani ube esethe ” nkosi nika indodakazi yami uthando lokuthanda umzukulu wam ngokuba akamphethe kahle nkosi thethelela ngokuba amagama alimaza, abulale okudlula induku ngokuba mangibheka ubuso bomzukulu wam ngibona usizi nenhlupheko,inyembezi zohluphekileyo zingcwala ubuso “Sibe sesikhihla esikanandi islilo

Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuba kungani umama engahlukumeza ingane yakhe, kungani indlovu isindwa umboko wayo, kungani umuntu engabe uyakuvikela Kube nguye imbangela yosizi, kungani imbokodo isiphenduke inhlabathi ingesenakusukuma imele isizwe

Kanti yini umama?