Sakhula kuthiwa mntanami vuka uyozama sekusile ngoba ayikho inkomo yobuthongo, ixoxo no xoxo umazigxumele.

Namhlanje sibuthwele ubunzima! Umqashi usidinga sifike ngesikhathi emsebenzini, izigebengu zisicuthele nazo ngalana ukusibamba inkunzi masihamba kusemnyama noma sibuya sekumnyama.

Kazi muntu owafika nokuthi silahle okungokwethu ukuziphilisa ngomhlabathi uthini la ulelekhona? Uma usibuka lawukhona sikhala ubu maye maye sibulawa izigebengu zisiphuca esikuthenge ngegazi lethu uyajabula yini?

Akumngani wamuntu ukuvuka ekuseni ebusika amakhaza eshubisa umkatsha, uvukela ukuyobanjwa inkunzi. Uyazibonela nje nawe ukuthi ngempela ixoxo ne xoxo umazigxumela, amaphoyisa ayathula asibukele sibulawa alode ethi asaphenya kodwa dololo ukubamba izigebengu. Kunendawo ezaziwayo ukuthi ziyizidleke zezigebengu nama phoyisa abikelwa kodwa lutho ukuthi atshalwe ayoqhinkqa khona zingabina minyakazo.

Siyathula noma sibona ukuthi kudayiswa ngathi kodwa ekugcineni sikhokhiswa imali yentela eholela bona laba abangasikeli ezigebengwini.

Sithini ngoba kwathiwa ayikho inkomo yobuthongo!