Abantu besifazane inzalabantu, bahle ngathi amaphiko wepigogo

Banyathela ngabantwana ngapha baqinile phela wathinta abafazi uthinte imbokodo. Cha! Angiphiki ukuthi siyafana nomdali, ngoba umama unkulunkulu wasemhlabeni lokho kuchaza ukuthi ubaba unjengo jesu, ngoba okuningi ukufunda kumama.uThando luningi kodwa alukho uthando olundlula olukamama.

Inzalabantu, iqiniso ukuthi akekho ongamdingi umama ngempela ngiyakutshela mawufuna ukubona uboshaya ingane encane uyilalele uma ikhala izothini.

Phela umama isiqalo sempilo,owami ubaluleke ukundlula eyami inhliziyo.

Inzalabantu abantu besifazane imbali engasoze yathengwa ngemali,imbali egcwele uthando nemfudumalo ngasosonke iskhathi.

Ngalamazwi ngithanda ukukhuthaza bonke abesifazane ngithi nihlale nazi ukuthi akukho okungakuhlula mangabe wazi ukuthi ufunani.