Ngokwemvelo kuyinto ejwayelekile ukuthi abantu bangayi nganxanye njengamanzi.

Siphila esikhathini esinzima lapho khona iningi lilahlekelwe yizihlobo zalo nemisebenzi ngenxa yesifo i Corona Virus. Kolunye uhlangothi kunabantu aba bongayo ngokufika kwe Corona.

Kunabantu okade benganakiwe kungaziwa futhi ukuthi baphila kanjani, noma bekwaziwa ukuthi siyakhula isibalo sabangasebenzi unyaka nonyaka kodwa ibingaphathwa eyabo.

Sineminyaka eminingi sigubha inkululeko kuleli lakithi kodwa kunabantu ebesingekaze sakucabanga ukuthi balala bedleni. Ngokufika kwegciwane uHulumeni uthathe igxathu eliya phambili wabakhumbula abafowethu nodadewethu abangasebenzi, wabasungulela isibonelelo sika R350.

O R350 badinga ubathathe njengemali osuke uyitholile noma uyiphiwe ongakwazi ukuthi uyikhulumele uthi incane noma inkulu. Bangizwe kahle abantu angisho ukuthi ingenyuswa mayikhona indlela yokuthi inyuswe, ngingakujabulela ukunyuka kwayo ngidlule abayiholayo. Ngakheka ngawumuntu onozwela kuyangigulisa ukubona abantu izinto zingabahambeli kahle.

Nganginesilonda enhliziyweni yami ngabantu abaneminyaka esuka emashumini amathathu nesithupha kuya eminyakeni yokuhola impesheni yobudala, ngithi lana kwelikaMthaniya kubaluleke intsha nezalukazi namakhehla kuphela. Lokho ngangikususela kuzona izimpesheni kanye namathuba emisebenzi okuhlale kukhulunywa ngentsha kuphela.

Lalingekho nolulodwa usuka lapho kukhulunywa khona ngokusiza labantu abaphakathi nendawo, bevalelwa ngaphandle makukhulunywa ngempesheni noma amathuba omsebenzi.

Ngokutholakala ko R350 ngiyathembe uMongameli usezokhuluma ngabo njengoba esebenzele isibonelelo. Ngiphakamisa ukubonga kuye uMongameli walapha ezweni lakithi, makukhona amaphutha abantu abamazela wona ngithi ayidle izishiyele alikho isoka elingenasici.