Isingeniso

Treeman

URobert Mazibuko washona ngomhlaka 11 July 1994 eneminyaka engu-90. Umhlabathi nomhlaba wayewuthanda kakhulu kangangokuba waze wazifundisa konke ayengakufunda mayelana nokuwunakekela. Empilweni yakhe yonke uzame konke okusemandleni akhe ukufundisa abantu ngomhlabathi kanye nomquba owenziwa ngamabibi ayewabiza ngokuthi yigolide elimnyama. Wafundisa abantu ukubaluleka kokutshala izihlahla. Yingakho wanikezwa leligama “The Tree Man”.

Amacebo akhe okulima ayelula. Wayekholelwa ekutheni zonke izinto kwindalo zinobudlelwane obuthize ngakhoke ukunakekela umhlaba esiphila kuwo okungasenza sikwazi ukuzinakekela thina. Ngisho imindeni empofu ingakwazi ukuzondla ngokunakekela umhlabathi nokuzitshalela ukudla. Ngokusebenzisa indlela yakhe yokumba irrisele uyakwazi ukuvundisa umhlabathi ngomquba wamahlamvu, utshani, ukudla okudala kwasekhishini namalongwe.

Awusebenzisi makhemikhali noma isikhuthazi. Lokhu kubizwa ngendlela yokulima usebenzisa umhlabathi ovundiswe ngendlela yemvelo (ukulima ngamabibi). Lezizindlela zokulima seziyaziwa umhlaba wonke manje, kodwa ngesikhathi eqala ukufundisa ngayo zazingaziwa eNingizimu Afrika.

URobert Mazibuko wahamba umhlaba wonke ekhuluma ngezindlela zakhe zokulima, futhi ngeminyaka eyandulela ukushona kwakhe wathola imiklomelo eminingi ngemisebenzi yakhe. Ngo-1991 wathola umklomelo obizwa ngokuthi i-Durban Environmental Week Award ngomsebenzi wakhe, wokonga imvelo. Ngo- 1993 wathola umklomelo i-Green Trust Award, kwathi ngoDecember 1993 wathola umklomelo i-Department of Environmental Affairs Conservation Award.

Okulandelayo indaba exoxwa nguye uqobo eyixoxela uJoanne Bloch ngaphambi kokushona kwakhe.

*****

Umlando ngomndeni wami

Ngazalwa ngo-1904 eduze kwaseMnambithi, endaweni ebizwa ngokuthi i-Spioenkop. Sahlala epulazini elikhulu elaliphethwe ngumlungu. Ubaba nguye owayebheka ipulazi ngenkathi umninipulazi eseGoli ngesikhathi sokufuna igolide. Kwakufanele sisize ubaba ngakho-ke safunda ukubheka izinkomo, ukugunda izimvu, ukusenga izinkomo, ukuqeqesha amahhashi, ukusika utshani, ukulima amasimu kanye nokunakekela izitshalo.

Abazali barri babengafundile, kodwa babekwazi ukukhuluma isiNgisi nesiBhunu. Babekwazi futhi ukwenza izinto eziningi eziwusizo ngezandla zabo. Babekwazi ukutshala, ukufuya nokwakha izindlu. Wawumningi umsebenzi wezandla ngalezozinsuku, ngoba sasingenazo lezinto zesimanje. Abantu babesebenzisa ubumba ukwakha amabhodwe, besebenzisa incema notshani ukwakha amacansi, amavovo nezinkelelo. Babesebenzisa ukhuni ukwakha imiqamelo namathunga okusengela.

Ngalezozinsuku abantwana babesebenza nomama babo emasimini. Ingane nengane yayinesivanjana sayo. Ngalesosikhathi, ukulima, umhlabathi nezilwane kwakubaluleke kakhulu kubantu abamnyama. Ukulima nokufuya kwakuyiwona mabhange nezimayini zethu. Sasiphila ngoba kwakukhona imfuyo, amadlelo namanzi.

Abazali barri babengamakrestu futhi babeyihlonipha imithetho nemiyalo ababeyitshelwa ngabefundisi. Kwakufanele sihloniphe. Abazali bethu babemjezisa umuntu ongalaleli. Uma wenza finto ewukudelela, komdala wawushaywa.

Wawungeke futhi ukhononde ngalokhu. Kwakungumthetho wesizwe ukuthi wonke umzali ungumzali wazozonke izingane ngakhoke noma ngubani omdala kwakungumsebenzi wakhe ukukujezisa. Lenqubo yasifundisa ukuhlonipha. Sengisekolishi ngakwazi ukuhlonipha uthishanhloko, othisha nezinduna zabafundi ngoba inhlonipho ngangiyifunde ekhaya.

Sasihloniphana nabelungu esasihlala nabo. Ngiyakhumbula ukuthi ngezinye izikhathi ubasi wayeke ahlabe imvu anike ubaba ingxenye naye athathe ingxenye. Lokusebenza ndawonye, nokuphathana njengabantu bandawonye nokwabelana kwakuyinto eyandile kakhulu. Ngezinye izikhathi umlumgu wayemane athi, “Tshala lensimu ngizokunika imbewu bese sihlukaniselana isivuno.”

Ngalezozinsuku, kwakuyinqubo eyejwayelekile ukwabelana nabanye abantu. Umuntu onezinkomo eziningi wayethatha abafana emindenini empofu ukuba bazolusa izinkomo zakhe. Ekupheleni konyaka umfana emunye wayenikwa isithole. Kwakwenzeka umfana aluse aze abe neminyaka eyishumi nesithupha, cabangake ukuthi zingaki izinkomo ayesuke esenazo.

Uma umuntu enensimu enkulu yommbila, ngesikhathi sokuvuna wayemema omakhelwane ukuba bazomsiza. Babengakhokhelwa. Wayebanika amahewu kuphela. Uma umuntu ocebile ehlabe inkomo ebusika, wayeqinisekisa ukuthi abantu abampofu kakhulu emphakathini bathola ingxenye, ngaphandle kokukhokha. Lomoya wokwabelana wangifundisa lukhulu.

Imfundo yami

Ekhaya sasingabafana abayisishiyagalombili. Mina ngangingowesine, futhi yimina kuphela owayezimisele ngokuqhubeka nemfundo. Abanye bagcina ebangeni lesine base beyosebenza eGoli ukuze bathole imali yokuthela. Ngalezozinsuku kwakunezinhlobo eziningi zentela!

Kwakufanele sithelele izinja, izindlu, izikhali namakhanda. Futhi, kwakufanele umuntu ahlale ebukeka kahle kuyilapho nezingubo zazibiza. Ngangisebenza kanzima ukuze ngithole imali yokuthenga izingubo. Ngabo-1910 ngesikhathi se-Halley’s Comet abashumayeli baseWeseli baqala isikole sangasese emzini kababa baqasha uthisha owayezosifundisa u-ABC. Kodwa emva kancane nje kwalokho abazali bami bezwa ngendawo okuthiwa i- Driefontein eyayithengwe ngabantu. Bakha izikole lapho ukuze banike abantu abamnyama imfundo ephakeme.

Abazali bami basebesuka e-Spioenkop baya kohlala eDriefontein. Ngesikhathi umndeni wakithi uhlala lapho, ubaba wayesebenza epulazini elikhiqiza ubisi eGoli. Ngesikhathi ngiqala isikole e-Driefontein ngo-1915, ngathola ukuthi isifundo sezolimo sasiyingxenye yohlelo lwezifundo zakulesisikole. Ngafunda ukuthanda umhlabathi ngisemncane kakhulu, lokhu ngakufunda ekhaya nasesikoleni e-Spioenkop.

Ngakhoke ngafika ngabashaya amakhanda. Ngikhumbula ukuthi uthishanhloko wethu nabahloli ababeqhamuka eMgungundlovu babethatheka isiqintshana sami sesivande. Ngaqeda e-Driefontein ngathola isitifiketi okwakungesokugcina owawungasithola kunoma isiphi isikole e-Natali. Ngabe sengiya ekolishi lokufundela ubuthisha e-St Francis Teachers’ Training College e-Mariannhill ngo-1928. Ngafunda ngaphansi kukaMfundisi Bernard Huss, okunguye owayefundisa ezolimo.

Ngibonga ukuhlangana naye ngoba ngakho ngafunda okuningi. Wayekholelwa ekutheni kumele kungaqeqeshwa izingqondo kuphela kodwa nomzimba ngokunjalo. Kulesikole safundiswa ukukhanda izihlalo, amabhodi namawindi. Safundiswa ukusiza umphakathi ngokwakha izindlu zangasese, ukutshala izihlahla nokwenza isivande zemifino.

UMfundisi Huss wabuye wangifundisa indlela yokulima usebenzise amabibi kuphela, lendlela sasiyisebenzisa ekhaya kodwa singazi ukuthi sisebenzisa yona. Kodwa manje yabe isihleleke kahle, numi ngaqala ukuthatheka. Umfundisi Huss wayengakholelwa ekusebenziseni amakhemikhali nomquba ukukhulisa imifino nezitshalo. Wasitshela ukuthi ayadula, futhi alimaza izitshalo nemvelo. Wayekholelwa ekusebenziseni umquba wezinto ezifana namabibi, utshani nokudla okudala.

Ngehora lesibili ntambama bonke othisha abaqeqeshwayo babeya ezivandeni zabo. Wonke umfundi wayenesivande sakhe okwakufanele akhombise kuso ukuthi uyosebenza kanjani uma esenguthisha. Ukulima, ukusebenza esivandeni nokutshala izihlahla kwakusegazini lauri kusukela ngisemncane. Ngazitshela ukuthi kwakuyisipho esivela ezulwini.

U-Sister Glenantea, owayenguthisha wami kunyaka wami wesibili washeshe wakubona lokhu wabe esengibeka ukuthi kube yimi onakekela isivande sezimbali zase- St Francis College. Njalo ekuseni nantambama ngangizihlakula ngizichelele. Lokukuxhumana kwami nemvelo kwangenza ngayithanda ngaphezu kwakuqala. Ngabona ukuthi izinambuzane zizithanda kanjani izimbali nokuthi izinyosi ziluqoqa kanjani uju nempova, ngangibona nezinyoni zizophuza uju ezimbalini ezinkulu.

Sengisebenza

Ekuqedeni kwami ekolishi ngo-1930, ngafundisa ezikoleni eziningi ezahlukene. Kuzozonke izikole engafundisa kuzona ngatshala izihlahla, ngaqala izivande zemifino ngatshala uthango ukuze kuvimbeleke uthuli lungangeni emagcekeni esikole. Kuzozonke lezikole ngakha izindlu zangasese ngaze ngakhela nomphakathi. Abantu baqale bangakuqonda lokhu, kodwa bagcina bekubona ukubaluleka kwezindlu zangasese ukuvimbela izimpukane zingafafazi izifo.

Ekuqaleni kuka-1940 ngasebenza njengothishanhloko kwaNongoma esikoleni Hlophenkulu High School. Ngafundisa bonke abafana namantombazane ukuzitshalela izitshalo eMishini. Satshala izihlahla zezithelo nemifino umphakathi kwawujabulisa kakhulu lokhu.

Sasesiwucela umphakathi ukuthi uze uzofundisa izingane ukwakha amacansi, amavovo nokwenza amasi egula.

Ngezinye izikhathi ngangihamba nonsumpa waseHlophenkulu Mishini, uMfundisi Robinson, uma kukhona lapho eya khona. Ngezinye izikhathi sasihamba size sifinyelele emngceleni weMpumalanga ne-Afrika eyayiphethwe amaPutukezi. Wayeshumayela imizuzu engamashumi amathathu bese enginika ihora elilodwa lokufundisa abantu ukuthi umhlabathi unguNkulunkulu, nokuthi uma bethanda umhlabathi nemvelo, bayofunda ukuthanda umoya oyiNgcwele ngokunjalo.

Emva kokushiya kwami eHlophenkulu High School ngachitha unyaka e-Fort Cox Agricultural College e-King Williams Town, ngifunda indlela yokulima ejwayelekile. Ngafunda konke ngobuthi bezitshalo nomquba ngaqala nokubona umehluko phakathi kwendlela yokulima ejwayelekile nokulima usebenzisa imvelo kuphela.

Ekugcineni ngabona ukuthi uMfundisi Huss wayeqinisile. Ubuthi bezitshalo nomquba kwakungeyona into engizoyisebenzisa. Yize lezinto zenza izitshalo zikhule ngamandla, zibuye zenze ukuthi zife ngokushesha. Okunye futhi ukuthi amakhemikhali akasebenzi kahle uma lingani futhi kungekho umswakama owanele, ngakho uma lingani amakhemikhali awasebenzi.

Amakhemikhali abuye abulale zonke izilwanyazana ezisenhlabathini ngisho nalezo ezinosizo nj engomswenya. Ngafundisa kwezinye izikole eziningi eNingizimu Afrika, kanye naseLesotho, Swazini neBotswana. Ngahambela i-Afrika yonke nomhlaba wonke, ngihamba ngibona abantu ukuthi baphila kanjani nokuthi umhlabathi bawusebenzisa kanjani.

Ngahlangana nabantu abaningi ababalulekile ababekuwo lomkhakha wezolimo ngamabibi ngafunda okuningi kubona. Ngathola ukuthi kwakungemina ngedwa owayekholelwa ekutheni indlela yokulima kulinyelwa inzuzo, nokusetshenziswa kwamakhemikhali sekuwubulele umhlabathi, futhi kufanele sitshale izihlahla kuyo yonke indawo.

Ngoba izimpande zezihlahla zishona phansi zimunce amanzi ngaphansi komhlaba ziwalethe ngaphezulu. Izinyoni nezilwane zingabuya zizohlala ezihlahleni, futhi ubulongwe bazo, yizikhumba nezidleke kungasiza ukuvundisa umhlabathi. Kudingeka sinothise umhlabathi ngomquba, silime ngendlela yezolimo ngamabibi.

Kuyo yonke leminyaka ngangimatasatasa ngithuthukisa indlela yokulima ngokuvundisa umhlabathi ngokuthi umbe imisele uyigcwalise ngezinto ezifana namabibi, ukudla okudala nokunye (ezolimo ngamabunga). Ngo-1956 ngaya kosebenza e-Valley Trust, ngaseThekwini. Ngalesikhathi indlela yami yezolimo ngamabibi neyezolimo ngamabunga yayisisebenza kahle kakhulu. Iminyaka eyishumi nesikhombisa ngakhombisa abantu base-Valley of a Thousand Hills ukuthi isebenza kanjani indlela yezolimo ngamabibi. Kuyoyonke leminyaka izitshalo zami zazingakaze zingiphoxe. Lokhu kwangikhombisa ukuthi uma uwondla umhlabathi, wona wondla izitshalo, izitshalo zondle abantu nezilwane.

UNkulunkulu wadala zonke lezinto ukuthi zisebenze ngokubambisana! Ngo-1973 ngaya kosebanza e-Edendale Lay Ecumenical Centre. Esikhathini esingangeminyaka engamashumi ayisithupha ngangilokhu ngicabanga ukuqala isikole. Ngangifuna ukufundisa intsha ukusebenzisa umhlabathi ukuze yondle imindeni yayo. Ekugcineni, ngo-1980, ngakwazi ngosizo lwabaxhasi baphesheya, ukuqala i-Afrika Tree Centre “KwaDlamahlahla”. Lapha ngafundisa abafana namantombazane ubuchule nobunyoninco bokutshala imifino, izihlahla nokunakekela imvelo jikelele. Ungahamba uyozibonela ngokwakho!

Engakufunda kudala

Kufanele sifunde isifundo kokhokho bethu. Babeyingxenye yomhlaba futhi bemunye nawo. Kufanele sinakelele imvelo njengoba babenza.

Abantu base-Afrika babazi okuningi ngokunakekelwa kwemvelo ngoba babehlale bezula nemfuyo yabo. Ngalendlela bafunda ukuthi yiziphi izinhlobo zotshani, izitshalo, izihlahla nezezilwane, ezibalulekile nokuthi babengawatholaphi amami ahlanzekile.

Manje asisekho isidingo sokuhamba sisuka sihlala njengoba kwakwenza okhokho bethu. Abantu abaningi bayazalwa nsuku zonke namadolobha ethu aya eba makhulu. Izihlahla eziningi zicekelwa phansi, lokhu kuwulimaza kakhulu umhlaba. Emapulazini amakhulu lappo kutshalwa khona izitshalo ezifana nomoba ezitshalelwa inzuzo, asenze umhlabathi wabuthakathaka kakhulu.

Ususefeke kakhulu. Uma kunomoya umhlabathi uyaphephuka, okwenza ukuthi umnotho wawo uhambe nomoya. Uma Lina kakhulu, umhlabathi onothile noyigugu ugugulekela emifuleni. Manje sekubaluleke ngaphezu kwakuqala ukunakekela umhlaba wethu.

Ngokwesiko lwabantu abamnyama abantu babewuhlonipha umhlabathi, izihlahla, izimila, izilwane, izinyoni nezinambuzane. Kwakunezinhlobonhlobo zezinyoni ekwakungavumelekile ukuthi zibulawe njengesikhova, unonkombose, ungcede, ukhozi, inqe, uthekwane nohlalanyathi. Lezinyoni zazibaluleke kakhulu ukuthi zingabulawa.

Wawungeke umbulale unogolantethe. Ngoba wawubaluleke ngokuthi ubulala izinyoka. Kwakungavunyelwe ukubulala indlovu noma imvubu noma ngabe unasizathu sini. Izigwaca zazibaluleke ngoba zidla imihlwa ebulala imithi nemizi. Ngakhoke akekho owayeyibulala. Ezinye izilwane, njengezinyamazane, zazibulawa ngoba kunesidingo esikhulu, njengokwakha imigibe, nezimbeleko zokubeletha izingane.

Kudala izihlahla ezithize zazibalulekile. Abantu abaningi babengavunyelwa ukuthinta inkayi. Ukhuni lwayo lwaluqinile ngakhoke amabutho kuphela ayevunyelwa ukuwukha ukuze akhe ngawo izinduku zokulwa. Ezinye izihlahla nemithi zazibaluleke ngoba kwakwenziwa ngazo amakhambi. Kwakungavunyelwe ukugawula umhlehlampethu, ngoba wawusetshenziswa ukulapha izilonda emfuyweni. Izimpukane zazingasondeli esilwaneni uma sesigcotshwe lomuthi.

Kudala okhokho bethu babekwazi ukubaluleka kwamanzi ahlanzekile. Kukhona indawo eyayibizwa ngokuthi yiNtonjaneni kwaZulu. Kwakuyisiphethu, lapho inkosi nomndeni wayo nabalandeli babephuza khona. Umthombo wawuqashwa amabutho imini nobusuku ukuze kungabibikho silwane noma umuntu owungcolisayo.

Amanzi ayesetshenziswa abantu ukuphuza nokuwasha, ayembozwa ngamahlahla anameva ukuze izilwane zingasondeli kuwona. Kwakuze kwakhiwe udongana lwamatshe. Bese kumbiwa umfula kuleyondawo ukuze izinkomo ziphuze khona. Ngesikhathi sakudala, abantu abamnyama babedlela entendeni yesandla semvelo. Lokhu kwabenza bakhula benempilo namandla.

Amakhosikazi namantombazane babephuma baye endle bayokha isipinashi sasendle nezithelo zasendle bekhelela imindeni yabo. Babenolwazi olunzulu lokugcina imbewu ukuze ingadliwa yimbovane kanye nezinambuzane. Imbewu yayilengiswa ethala, ize ibemnyama intuthu nomsizi. Ngalendlela ngisho amagundane ayengayidli. Lomsizi wawufana nomquba owawenza imbewu iqhume kahle kakhulu.

Abazali banika izingane izintanga ezigazingiwe, ngoba kwakwaziwa ukuthi lezintaga zibulala izinhlobonhlobo zezikelemu. Ehlobo, ukudla okusanda kuvunwa kwakomiswa elangeni imini yonke kungeniswe ebusuku. Lokhu babekwenza izinsuku eziningi. Ngakhoke ebusika lapho imifino isinciphile babeyaye basebenzise lemifimo ebegqunyiwe neyayihlwabusa kuhle kwesikhathi isakhiwa.

Babemba imigodi ababefaka kuyo izinhlanga bese begcina ummbila kuyo. Babebeka izikhwebu zommbila omusha phakathi. Babesebebeka utshani phezu kwawo, bese bemboza ngenhlabathi bawushiye lapho izinyanga ezintathu. Lommbila babewupheka ebusika unambitheke sengathi musha. Babebuye ngezinye izikhathi bawubilise ngosawoti umbila bese bewulengisa elangeni ukuze wome. Uma amadoda ebuya kozingela, noma izingane zibuya ezikoleni nasemakolishi ngamaholide, babeba nokudla okumnandi abazokudla.

Kuningi ongakufunda kulezindaba zakudala. Okhokho bethu babeyazi imvelo bazi ukuthi zonke izinto kwimvelo zinokuxhumana okuthize. lzilwane, izinambuzane nezinyoni zidinga izihlahla nezitshalo. lzihlahla nezitshalo kudinga izilwame, izinambuzane nezinyoni. Abantu badinga konke lokhu okungenhla.

Wagcina nini ukubona isikhova? Kulesikhathi samanje izikhova azisandile ngoba abusekho utshani obuningi endle. Ngaphandle kotshani ayikho indawo yokuhlala amagundane. Ngaphandle kwamagundane, izikhova azinakho ukudla ngakhoke ziyafa. Izilwane eziningi zasendle eNingizimu Afrika zithanda ukudla amantiyane nonogolantethe kodwa manje lezinyoni sezincane kakhulu.

Ngisemncane zaziningi kabi izinyoni ezazindiza esibhakabhakeni ezidla izinambuzane ezifana namaqhwagi nemisundu. Namhlanje akusajwayelikile ukubona lezozinyoni. Kodwa uma singanakekela sigcine imvelo lezinyoni zingabuya ngobuningi bazo nezinye izilwane.

Singenzenjani manje?

Into yokuqala ekumele siyenze ukwenza ngcono indawo esihlala kuyo, ukuba sitshale izihlahla. Kufuneka kube yizihlahla zendabuko, izihlahla ezidabuka lapha eNingizimu Afrika ngoba yizo ezingakhula kahle lapha. Kufanele futhi kube izihlahla ezithela izithelo ezidliwa izinyoni, izilwane nabantu. Uma kukhona lezizihlahla ezanele izinkawu izikhova nezinye izinyoni ziyoza zizohlala kuzona. Indie, nemizimba yazo uma zifa kuyokwenza umhlabathi uvunde.

Umhosha noma udonga endle yinkomba yokuthi kukhona inkinga lapho kuleyondawo. Yonke inhlabathi iyaguguleka uma Lina. Uma sithola ukuthi indawo ethize inodonga lunjalo kufanele sitshale izihlahla kuleyondawo. Izimpande zezihlahla ziyosiza ukubamba inhlabathi ingaguguleki. Imbewu engcono ukuyitshala ileyo yezihlahla eziyimisasane, ngoba lezizihlahla ziqinile.

Kuyamangalisa ukuthi ezindaweni ezome kakhulu, izinkomo ziyawadla amahlamvu emisasane nameva akhona. Lokhu kwenza inyama yazo inambitheke kamnandi ngendlela emangalisayo. Uma wosa lenyama emlilweni ivele ube luhlaza sengathi uthele upharafini. Inyama ethengwe esilaheni inambitheka njengenjoloba uma uyiqhathanisa nalenyama emnandi!

Kuwumqondo omuhle ukuvikela izindawo ezingamafenya esizithola eduze kwamakhaya ethu. Singatshala izihlahla zenhlaba noma nomnyezane ukuze izilwane zingahambi lapho zingcolise amanzi. Ifenya lifana neziponji ezingafanele ziphulwe noma zidlovozwe. Uma uyinakekela lendawo ngokutshala izihlahla zendabuko ziyizungeze, amanzi ayanda. Lamanzi aba mahle ahlanzeke, ngakhoke abantu ngeke bagule uma bewaphuza. Okunye futhi ukuthi umhlabathi oseduze kwendawo engamafenya uyavunda.

Kufanele futhi sitshale izihlahla eduze kwemigwaqo emncane nemikhulu. Izinkulungwane zemithi zagawulwa kwakhiwa lemigwaqo. Azizange ziphinde zitshalwe ezinye – ngakhoke imvundo yenhlabathi yehla. Singatshala futhi izinhlobonhlobo zotshani njengencema ewusizo kakhulu ekulukeni amacansi, notshani bokwakha imishanelo.

Ngaphandle komhlabathi akukho lutho

Ukugcina nokunakekela imvelo kubalulekile ekwakheni ikusasa lezwe lethu. Uma singatshala izihlahla notshani sinakekele amafenya, izinyoni nezilwane zasendle ngabe seme lukhulu. Kodwa kukhona finto ebaluleke kunazo zonke okufuneka siyazi. Singayigcina kanjani imvelo ezivandeni zethu? Singawusebenzisa kanjani umhlaba omncane esinawo ukuzisiza thina nokusiza umhlaba wonke? Kufanele sifunde ukuthi singawunonophalisa kanjani umhlabathi ngoba ngaphandle komhlabathi akukho lutho.

Konke okudliwa izinyoni, izilwane nabantu kuqhamuka emhlabathini. Izitshalo nezihlahla zimila emhlabathini. Kuzona sithola ukhuni, izinto zokwakha nokwema imithi eminingi yokwelapha. Igolide, idayimane namatshe ayigugu nensimbi kuphuma emhlabathini. Ngaphandle komhlabathi ngeke ube khona umoya ohlamekile, amami, nempilo imbala. Ngokwami umhlabathi nguyena Nkulunkulu wethu.

Ngakhoke ungawunakekela kanjani lomhlabathi oyigugu kangaka uwunothise khona uzoqhubeka nokusondla usigcine siphilile? Impendulo ukuthi kufanele ubuyisele emhlabathini lokho okuthathe kuwo, ngoba ayikho into engabalulekile emhlabathini. Umhlabathi uzondla ngakho konke lokhu thina esikuthatha njengodoti.

Yingakho into yokuqala okumele uyenze engadini yakho kuwukuqala indunduma yomquba – ukwenza lokhu engikubiza ngegolide elimnyama. Igolide elimnyama ngumquba – owakhiwa ngamabibi, amakhasi nezibi zasekhishini kuxutshwe notshani nomquba wezinkomo. Uma lokhu sekubolile, kuba mnyama ngikubiza ngegolide elimnyama ngoba kuhlala isikhathi eside kunamakhemikhali.

Amakhemikhali enza izitshalo zikhule ngamandla kodwa igolide elimnyama linika izitshalo ithuba lokukhula ngokwemvelo, lithatha wonke umsoco olungele umzimba womuntu emhlabathini.

Ziningi izitshalo zasendle ezinezimpande ezijulayo enhlabathini ezinika umhlabathi wonke umnotho odingekayo. Lezizitshalo nemithi engisiza ngazo abantu ukuba bazitshale ngoba zenza umhlabathi ube nempilo. Abantu bangatshala nezithelo zakudala, ezinjengotamatisi wasendle ngoba iwona ongamila noma ikephi. Izinyoni ziyawudla bese, zihluleka ukugaya izinhlamvu, kuthi, uma sezikhipha izitibhili kuvumbuke izihlahla eziningi.

Indlela yokuvundisa umhlabathi ngokumba imisele wakhe umquba kuyo (ukulima ngamabunga).

Ukulima ngamabunga indlela enhle emangalisayo yokuvundisa umhlabathi esivandeni sakho sezitshalo. Ungasebenzisa lendlela endaweni lapho umhlabathi wakhona ufile, ngisho nezitshalo ezijwayelekile njengamaphusini nenkonkonye zingeke umile khona. Izindawo ezinjalo zitholakala lapho kukhona abantu abaningi nezilwane abahlala endaweni encane. Ukulima ngamabunga indlela enhle futhi yokutshala izitshalo nezihlahla ezindaweni lapho kungekho amanti anele khona.

Ukulima ngamabunga indlela yokulima lapho umba khona irrisele emikhulu bese uyigcwalisa ngamabibi nenhlabathi. Lendlela yokulima isebenza kahle kakhulu ngoba ithi ayifane nendawo esezansi kwentaba eduze komfula. Lezizindawo ezihlala ziluhlaza, ngisho ebusika nanoma kunesomiso. Lokhu kwenziwa ukuthi uma lina yonke inkunkuma namabibi asentabeni agugulekela khona. Lapho inkunkuma isiza umhlabathi ekubambeni amanzi.

Ngakho-ke imisele lena iyafana nalezozindawo ezisezansi kwentaba eseduze komfula isebenza ukunika abantu okuya ngasethunjini.

1. Yimba umsele ube imitha elilodwa ukujula imitha elilodwa ububanzi namamitha ayisithupha ubude (imitha lingangobude benduku yomshayelo). Beka umhlabathi wangaphezulu eceleni. Umhlabathi wangaphezulu yilowomhlabathi owumba kuqala. Lomhlabathi mnyama. Beka umhlabathi wangaphansi – umhlabathi ongaphansi yilowo olandela osuke ugcine ngaphezulu, wubeka ngakwelinye icala lomgodi. Lomhlabathi ubomvanyana ngombala. Ungawuxubanisi umhlabathi wangaphezulu nowaphakathi nendawo nowangaphansi.

2. Qala ngokubuyisela inhlabathi ebigcine ngaphezulu emseleni ube ungwengwesi olungamasentimitha amahlanu. Lokhu kuzokwenza ukuthi igciwane elizobolisa amabibi ozowafaka libe ngaphansi.

3. Qoqa utshani, amahlamvu, amagatsha, indle nezitshalo ezindala. Lokhu kubizwa ngamabibi. Faka lamabibi emgodini, lamabibi kumele abe ungwengwesi olungamasentimitha angamashumi amathathu (lokhu kungangobude bebhakede lensimbi). Chela amabibi ngamanzi agcwele ithunga. Lokhu kusiza ukubolisa amabibi ngokushesha.

4. Manje usungafaka inhlabathi yangaphansi. (Lona umhlabathi obomvanyana owumbile.) Ukujula kwalolungwengwesi kumele kube ngamasentimitha alishumi. (Lona kumele ujule ngokuphindwe kabili kunomhlabathi wangaphezulu.)

5. Faka olunye ungwengwesi lwamabibi lujule ngamasentimitha angamashumi amathathu. (Lelizinga liyafana naleli olisebenzisile ngaphambili.) Chelela ngamazi agcwele ibhakede.

6. Phezu kwalokhu faka ungwengwesi lomhlabathi wangaphezulu olungamasentimitha ayishumi.

7. Faka amabibi ugcwalise umgodi phama.

8. Faka inhlabathi yangaphansi ibengamasentimitha ayishumi. Lomhlabathi unemisoco eminingi.

9. Thela amalitha angamakhulu amathathu kuya emakhulwini amahlanu amanzi njalo emva kwezinsuku eziyishumi. (Amashumi ayisithupha kuya ekhulwini lamanzi agcwele ibhakede.)

10. E mva kwamasonto ayisihlanu kuya kwayisithupha umsele uzobe usulungile ukuthi ungasetshenziswa.

Ukutshala

Izitshalo zokuqala okufanele uzitshale kumele kube yilezo ezithela imidumba njengobhontshisi nophizi ngoba zifaka i-nitrogeni enhlabathini. Lokhu kubalulekile uma usutshala ezinye izinhlobo zezitshalo. Kubuye kusize ukuba amabibi asenhlabathini aphinde abole. Khumbula ukushintshanisa izitshalo zakho. Lokhu kuchaza ukuthi akumele utshale izitshalo ezifanayo njalo endaweni eyodwa.

Qala ngezitshalo ezithela ngemidumba ezifana nobhontshisi nophizi. Emva kokuba usuvunile usungatshala izinto ezinamahlamvu ezifana neklabishi. Ngemva kwalokho usungatshala izitshalo ezithela ngezimpande njengokherothi.

Emva kwezivuno eziyishumi noma eziyishumi nanhlanu kufanele ubuye umbe umsele wakho kabusha ufake amabibi amasha njengoba ukade wenzile okuqaleni.

Isiphetho

Umlando uyohlale ukhumbula uRobert Mazibuko uyohlale ekhunjulwa njalo njengomuntu wokuqala eNingizimu Afrika owafundisa abantu ngokugcina nokunakekela imvelo nangezolimo ngamabibi.

Wafaka ugqozi kwizinkulungwane zabantu ababesebenza ukwenza ngcono umhlabathi nabasiza abantu ukutshala ukudla. Wayenothando nenhlonipho nokuqonda okunzulu ngenhlabathi, izihlahla nabantu. Wayehlale ethi, “Kufanele wenze abantu bakwazi ukuziphilisa nganoma yini encane abanayo.” URobert Mazibuko wayefuna i-Afrika Tree Centre iphathwe futhi isetshenzwe ngabantu. Wahlanganisa abaholi bomphakathi abaningi nabantu abaziyo ngemvelo nokugcinwa kwayo ukuthi basebenze futhi baphathe i-Afrika Tree Centre.

URobert Mazibuko watshala imbewu esiqalile ukukhula. Bonke abantu kufanele manje babambane ngezandla ukwenza lembewu ikhule ibe isihlahla esiqinile nesizothela izithelo.

Ukubonga

Sibonga kulababantu abalandelayo abasize ngokuqukethwe incwadi: Raymond Auerbach noNoel Oettle e-Farmer Support Group, University of Natal, Pietermaritzburg; John Aitchison e-Centre for Adult Education, University of Natal, Pietermaritzburg. Sibonga kulababantu abalandelayo abavela kwaRennies Cargo Terminal Isigaba 3 eqenjini lesiNgisi, abathatha isikhati sabo behluza lencwadi: Michelle Plant, Carol Rae, Excellent Mbele, Isaac Goge, Emmanuel Masondo, Clement Mbonambi, Vusumuzi Dlamini, Anthony Shange noMarcus Mhlongo. Sibonga kulababantu abalandelayo abavela e-Adult Basic Education Co-operative (AA BEC) eqenjini lesiNgisi esiphakeme abathatha isikhathi sabo behluza lencwadi: Bommie Naicker, Busisiwe Cele, Krishnie Perumal, Charity Mzotho noRejoice Mhlongo. Sibonga uTebogo Pitsoe ngosizo nezeluleko zakhe mayelana nalencwadi yesiZulu.

AbakwaNew Readers Publishers bathuthukisa futhi bagqugquzela amakhono okufunda nokubhala kanye nawolimi ngokukhiqiza ngezilimi zonke zaseNingizimu Afrika ezifundeka kalula ukuze kufundiswe abadala abasaqala ukufunda. Iningi lezincwadi zikulungele nokufundwa ngabafundi abasebancane.

Ukwazi kalubanzi vakashela u www.newreaders.org.za