Usuku Lwamalungelo Abantu,
31 Mashi, 2000
ULeonard Gregory uhleli eduze nenkundla yebhola iBhongweni Stadium eKokstad. ULeonard ungumGriqua oqhamuka e-East Griqualand endaweni yaKwaZulu-Natal. Ubukela iBush Bucks yaseMthatha idlala neqembu elimenyiwe labadlali baseKokstad. Izethameli zizile ukuzobona lo mdlalo oyingxenye yemigubho yosuku lwamaLungelo Abantu.
Lo mdlalo wandulela umdlalo omkhulu phakathi kweDangerous Dinosaurs yaseThekwini neVukuzenzele yaseBhizana. Lona ngumdlalo owehluke kakhulu. Ngumdlalo wabantu abahamba ngezinduku. Labadlali bakhubazeke emizimbeni futhi badlala behamba ngezinduku. Izethameli zalomdlalo zimangele ukuthi labantu abahamba ngezinduku bakwazi ukudlala ibhola lezinyawo. Abakaze bayibone into efana nalena. Bashaya amakhwela nezandla bekhuthaza abadlali.
ULeonard Gregory uyena ongumgqugquzeli walolusuku. Njengoba ebukela abadlali begijima enkundleni ngezinduku zabo, elalele izethameli zibabungaza uyamamatheka ngokwaneliseka. Icebo lakhe lisebenzile.
Uyazi umphakathi usuzokwamukela ukuthi abantu abakhubazekile bayakwazi ukuzenzela izinto ngokwabo, hhayi ngoba bengenamsebenzi. Likhulu iqhaza abangalibamba emphakathini, njengaye uLeonard Gregory.
ULeonard Gregory ukhubazekile. Usebenzisa iwheelchair. Uma ehamba usebenzisa izinduku njengabadlali abasenkundleni, kodwa akazalwanga ekhubazekile.
Kulendaba uzothola kabanzi ngoLeonard, impilo yakhe, ukholo lwakhe, nemisebenzi yakhe nabantu abakhubazekile emphakathini waseKokstad.