Sekudlule amahora amathathu azikho izimoto ezidlulile ezike zama. Ngangisaba ukuthi kuyoze kube mnyama ngisalindile lapho. INkosi eyaziyo ukuthi izilwane zasebusuku zazizongenzani. Amadoda amabili enze akuthandayo ngomzimba wami angase abuye futhi.

Ngemva kwehora ngilindile eceleni komgwaqo ngiphelelwe yithemba, kwama iloli enkulu. Kwavela umshayeli oyikhaladi efasiteleni.

Waar gaan jy?” (Uyaphi?) ebuza.

“EKapa. Ungangigibelisa?” Ngisho ngibuza, ngiqagela ukuthi lokho akushilo ngulimi lwakhe.

Jy’s koel – umuhle. Ungagibela,” esho emomotheka.

Ngangingaphethe lutho; konke kwakutshontshiwe. Ngagibela elolini. Izitulo zazihlalisa kamnandi futhi zinkulu. Angizange ngimtshele umshayeli ukuthi ngangingenayo imali yokugibela nokuthi ngangidinga usizo.

“Unenhlanhla. Kukhona engizokwehlisa eKapa namhlanje,” kusho umshayeli, esho engibheka. “Ngokuvamile nje ngiya eGoli noma eThekwini.”

“Ngiyayibonga INkosi ngokuthi ngihlangane nawe,” Ngisho ngimomotheka ngokushesha.

“Asikho isidingo sokuba ukhokhe. Ngiyabona ukuthi awunalo ngisho nesenti kuwe. Ngubani igama lakho? Ngingu Sam,” esho emomotheka futhi.

Igama lami nguRudo.”

Ngangifuni ukutshela lo muntu engingamazi ngokuphila kwami, kodwa phela ngangigibele mahhala. Wangithembisa ukuthi uzongisiza aze angitholele ngisho nendawo yokuhlala eKapa. Ifoni yami nedayari enazo zonke izinombolo zocingo kwakutshontshiwe, ngakho ke umngani wami owayengilindile wayengakwazi ukuxhumana nami, noma mina ngixhumane naye. Naye wayengowase Zimbabwe okwakunguye kuphela umuntu engangimazi eNingizimu Afrika.

Kule loli, kulezo zihlalo ezithambile, umzimba wami waqala ukukhululeka kancane. Ngaqala ukuzizwa ngikhululeke nakakhulu. Le ndoda iye yaba nomusa ngokungigibelisa. Wathi wayephakathi kweminyaka engamashumi amahlanu futhi ehlukene nomkakhe – nakuba ngingazange ngikukholwe lokho ngoba akazange angibheke emehlweni ngenkathi engitshela lokho. Wayemdala ngale ndlela yokuthi wayengaba ubaba wami, noma ngisho ngaphezulu kwalokho, futhi wayenesisu esikhulu.

Sama esiteshini sikaphethiloli saseCaltex, wangithengela uphayi, isiphuzo esibandayo, nezinye izinto zokugeza. Kodwa ngaphambi kokuba ngidle ngangifuna ukugeza. Wanginikeza ibhulukwe nesikibha okwakusepulasitikini engemuva kwesihlalo sakhe. Kwakuyizingubo zikabani lezo? Ngazibuza njengoba engibonisa indlu yokugezela.

Ngageza ngokushesha ngabe sengigqoka izingubo ezintsha. Lapho ngizibheka esibukweni ngangibona intokazi encane, enhle, eneminyaka eyishumi nesithupha, kodwa izinkumbulo zokuphaphama ehlathini nginezinhlungu phakathi nemilenze yami, negazi, zabuya.

USam wayesezibuza ukuthi kungani ngithatha isikhathi eside kangaka. Ngamthola ngaphandle wabe esengipha ukudla. Ngadla ngokuphanga. Phela angizange ngidle lutho cishe usuku lonke futhi ngangisizwa isisu sami samukela lokhu kudla okumnandi ngenjabulo enkulu. Ngagcina ukudla uphayi ngenkathi abazali bami besaphila, ngineminyaka eyishumi nanye. Sonke lesi sikhathi, njengoba ngidla, uSam wayengibhekile emomotheka. Akazange akuthinte nokukuthinta ukudla kwakhe.

***

Sicela umbono wakho: Ingabe uRudo usemtholile ‘uMsamariya wakhe Omuhle’?