Impelasonto idlula ngokushesha. Esontweni umfundisi ushumayela ngobuqotho nobuntu. Uyalalelisisa uBathandwa, ahlabe lamazwi kuyena. Ubona ngathi wonke umuntu esontweni uyazi ukuthi uyithole kanjani lemali anikele ngayo.

Ubuka ubuso bamakhehla nezalukazi azibuze ukuthi bangaki abasokolayo ngenxa yezikweletu abangakwazi ukuzikhokha. Bangaki abahluleka ukuthenga ukudla ekuqaleni kwenyanga?

Ukukhipha konke okusenhliziyweni ekhuluma noChe efonini.

“Angibuyeli e-EasyLoans. Ngeke ngikwazi ukusebenza khona emuva kokubona into abayenze kuGogo. Ngeke ngikwazi ukuqhubeka ngihluphekise abantu abavele bezihluphekela. Ukukhuthuza phela lokhu. Angazi ukuthi ngi–”

“Ungazisoli kakhulu, simomondiya sami. Into ebalulekile ukuthi ngeke usakwenza futhi. Nawe ubucabanga ukuthi usiza abantu kanti nawe awazi. Hey, kunomcimbi ngoMgqibelo ozayo. Ufuna ukuza?”

“Ngizobe ngisebenza.”

“Kufanele uphumule ngezinye izikhathi. Unethezeke. Ngaphandle kwalokho, uzobe wenza imisebenzi emibili!”

Ubona kungena olunye ucingo, “Kufanele ngiphendule lolu cingo, Che. Sizokhuluma ngemva kwesikhathi.”

U-Andy wase-EasyLoans.

“Ubuya nini, sana? Amapheshana aletha ibhizinisi eningi. Siyakudinga la.”

Udonsa umoya azizwe enamandla athi: “Angisabuyi, Mnz.”

“Ngobani? Ingabe kungenxa yento engiyishilo…”

“Cha. Kukhona into engiyibonile njengoba ngisekhaya.”

“Yini leyo?”

“Ukuthi sikhuthuza abantu imali abangenayo, imali abangasoze babanayo.”

“Kodwa…”

“Qasha omunye umuntu.” UBathandwa uvala ucingo luka-Andy uqhubeka nokukhuluma noChe.

NgoMsombuluko uBathandwa uhamba noGogo beyokhokhela izikweletu. Baqala kuSakhumzi, baqhubekele e-EasyLoans, ehadiwe badlulele nakwezinye izinkampani ezincane zezimali-mbolekho. Bayaqeda bahlale endaweni yokudla bashaye itiye namakhekhe.

UGogo usondela kuBathandwa amubambe isandla athi: “Ngiyabonga, mntanami.”

Badlula ngase hhovisi lase-SASSA. UGladys uyama, atshele uBathandwa ukuthi akamlinde kancane. Utotoba aqonde kulayini wabantu abalalele owesimame obanika amapheshanawaseEasyLoans. UBathandwa umbuka ngokuziqhenya uGogo ekhuluma nalabantu.

“Niqaphele! Bayasikhuthuza labantu! Qaphela indaba yalezi zimali-mboleko ngoba uzogcina usukweleta imali edlula imali oyiholayo,” kusho uGladys bonke abantu sebephendukile balalela yena. “Kwenzekile kumina ungakuvumeli kwenzeka nakuwe.”

UGogo ubamba UBathandwa ngengalo bacothoze beya ematekisini.

Ngathi izikhathi zakudala kuBathandwa. Wenza isinqumo behamba bebambene noGogo sokuthi kufanele uChe avakashe khona ezomazi uGogo.

***

Sitshele: Wake wangena enkingeni yesikweletu? Wawuyibolekeleni imali?