Kudlula izinsuku ezintathu futhi la besifazane abakhulumisani. UPaul ufikile ezodla isidlo sasebusuku kodwa uSephiri unqabile ukuphuma ekamelweni lakhe, kade eya ekhishini nasendlini yangasese yangaphandle uma umama wakhe engekho.

Kodwa uyazi ukuthi ngeke agweme uNtaoleng kuze kube phakade ngoba sekufike usuku olubalulekile: namhlanje ekuseni uNtaoleng kumelwe amphelezele baye kommeli ukuze kufundwe incwadi yefa.

Kuzomele basebenzise izitimela ngenxa yodlame oseluqalile futhi phakathi kwabanikazi bamatekisi wase-Kempton Park. Izitaladi aziphephile; kakade sekushone abantu abane ngenxa yokushwaya izinhlamvu ezidlulayo.

UNtaoleng uyamemeza emnyango wakhe. USephiri uyanqikaza ukuphendula, kodwa ekugcineni uyaphuma. Bobabili bayalunga ngaphandle kokukhulumisana bese bayaphuma ekuseni ngovivi. Ngaleso sikhathi izitimela zisagcwele futhi kuphephile ukuze bagweme isiphithiphithi sasekusei. Endleleni eya esiteshini uNtaoleng uzama ukusho okuthize.

“Ucabanga ukuthi kukhona akangishiyele khona?” esho edlala.

“Indandatho yakho yomshado.” kuphendula uSephiri, ebhekisele eminweni kamama wakhe ongenalutho. UNtaoleng useyekile ukugqoka indandatho kusuka ngenkathi uSephiri eyithola ishiywe eceleni kombhede.

“Yazi, emasontweni amathathu adlule, ngosuku ubaba wakho abuya ngalo, mina noPaul senza isinqumo sokuthi kungcono ngingasayigqoki indandatho. UPaul ufuna ukungishada kodwa ngi … bengi … Bengisashade nobaba wakho. Ukuthi bengisafaka indandatho kade kusibangela izinkinga, ngakho-ke ngalolo suku ngayikhipha,” kuchaza uNtaoleng.

“Hewu, izindaba azipheli bantu?” USephiri uyaphawula ngendelelo.

“Kade ufuna iqiniso. Ngikunikeza lona, njengoba linjalo!” Kuphendula uNtaoleng ngomfutho.

Bayaphinda futhi bayathula indlela yonke. Uma befika esiteshini sezitimela, uNtaoleng uthenga amagwinya kowesifazane othize ome ngaphandle endaweni yokungena uthengise khona amagwinya njalo ekuseni.

Bagibela isitimela sango-6 ekuseni esiya e-Kempton Park futhi banenhlala yokuthola izihlalo. Bayahlala bethulile bese bedla amagwinya wabo. Isitimela siyagcwala futhi ekugcineni sebesendleleni.

USephiri ulele futhi uvuswa umama wakhe ngenkathi edonsa isiketi sakhe ngenkathi befika. Bahamba ukusuka esiteshini ukuya e-Boshop’s Court ekhoneni elise-West Street nase-Voortrekker Rd lapho okukhona khona uphawu elibomvu nokumhlophe elilengayo ehhovisi likaMmeli uSelamola. Babingelelwa umamukeli wezihambi onomusa bese bahlala endaweni yokulinda.

Kungena indoda enamahlombe amakhulu ebukeka sengathi umnfanekiso osemusha kaPaul noNtjapule. Hewu. Elinye futhi ilungu lomndeni elingalindelekile – uBaba osemusha, uSephiri uyacabanga.

“Itumeleng!” UNtaoleng uphawula ngenjabulo njengoba esukuma ukuze ambingelele; wagcina ukumbona esengumfanyana; ngenkathi esaxhumana nalowo mndeni.

Sisi Ntaoleng. Mehlo madala.”

“Ukhulile uyindonda enhle.”

“Futhi namanje usemuhle awukakashintshi,” uItumeleng esho emomotheka njengoba behilibisana.

UNtaoleng uyakwazi ukuhiliba futhi akanamahloni ngalokho. Uyazi ukuthi kuyamthukuthelisa uSephiri kodwa ke kodwa akufuni yena lokho – intombazane ifuna iqiniso. Kungani kufanele azifihle?

“Nguwe uSephiri,” kusho u-Itumeleng, ekhipha isandla sakhe.

“Nginguye,” kuphendula uSephiri, ezithola emoyizela.

“Silinde ukuthi kufike uLinda noBeauty, ngaphambi kokuthi siqale. Singalinda ehhovisi lami,” kusho u-Itumeleng. Bobathathu bayangena futhi uSephiri uhlabeke umxhwele. Itafula elimahogani ligcwele yonke indawo; kuvulwe amabhulandi ampunga ukuze kungene ukukhanya okufanele futhi eceleni kwefasitela kukhona isitendi sezincwadi esigcwele izincwadi izinkulu zenkomba yezomthetho. U-Itumeleng ubanikeza isitulo sokuhlala, bese uya etafuleni lakhe futhi ngemva kwalokho nje kungena uLinda noBeauty.

“Yiyo ke ingane kaNtjapule eyivezandlebe?” Kuphawula uNtaoleng.

“Singaqalisa?” U-Itumeleng ungenela ngokushesha, ezama ukupholisa isimo. Abesifazane bahlala phansi bazungeze itafula futhi u-Itumeleng usezoqala ngenkathi kungena uPaul.

“Ngiyaxolisa ngokufika sekwephuzile,” echaza.

Kucacile ukuthi bonke abesifazane bamangele ngokuba khona kwakhe.

“Ngimcelile ukuthi afike njengofakazi,” kusho u-Itumeleng, ezama ukubaqinisekisa. “Manje-ke sesingaqala?”

Isimo sishube kakhulu kuleli gumbi.

“Ngaphambi kokuthi ngifunde incwadi yefa ngingathanda ukuthi, njengoba kucelwe nguNtjapule osesishiyile, ngifunde incwadi ephuma kuye. Ngicela nizilungiselele, futhi ngiyacela, nizibambe.” U-Itumeleng uyanqikaza kafushane nje, bese uyaqala:

Mndeni wami
Uma nizwa le ncwadi kusho khona ukuthi angisekho emhlabeni. Ngonyaka odlule ngathola ukuthi ngikwisigaba sesine somdlavuza wamanyikwe futhi ezokwelapha zazingeke zisangisiza. Udokotela waqagela ukuthi cishe ngineminyaka emibili ukuthi ngiphile, kodwa njengoba nizibonele nani akuzange kube njalo.

Akukhona kodwa lokho engakuthola futhi akuyikho kuphela lokho okwangibulala.

Ithi ngibuyele emuva ngenkathi ngithola ukuthi unkosikazi wami wayefeba nobhuti wami. Ntaoleng, nkosikazi wami, Ngangikuthanda okwedlula wonke umuntu, futhi namanje ngisakuthanda.

Wayephula inhliziyo yami kodwa ngangizimisele ukulungisa izinto. Yilokho phela okushiwo umshado. Mina noPaul kudala saqala ukuncintisana kusuka siseyizingane, ngakho-ke akuzange kungimangaze lokho. Ngakucela ukuthi uhlukane noPaul futhi unyaka wonke ngizama ukukwenza ukuthi ungithande wangikhathaza kakhulu, kodwa ‘ngenxa yokuthi sohlukaniswa ukufa’ ngahlala.

Ngelinye ilanga ekuseni, ngemva kweminyaka emibili yezikhathi ezinzima, ngenkathi uSephiri eneminyaka emibili, ngangikhumbula ngenkathi ukhulelwe futhi ngikhumbula indlela owawuzimisele ngayo ukuqamba ingane yethu ngokuthi uSephiri’: “‘Imfihlo’. Ngangizibuza ukuthi kungani. Yayiyini leyo mfihlo futhi kungani wawuzimisele kangaka ngakho? Ngakho-ke ngathatha igazi ngokuyimfihlo ukuthola ubaba wengane, futhi labonisa ukuthi angiyena ubaba – indodakazi yami ezelwe yodwa yayingeyona indodakazi yami.

“Ima kancane! Ini?!” Kusho uSephiri, njengoba ehefuzela etafuleni, bonke babamba ongezansi ngenxa yokumangala. UPaul ubheka phansi ngenxa yamahloni. Le ncwadi ingamanga. Bengingamazi ubaba wami kodwa bengazi ukuthi nguye ubaba wami. Siyafana. Abantu babengitshela kanjalo!” eqhubeka, ememeza.

“Ngiyacela, ngiyacela, yehlisani umoya. Ngingaqhubeka?” U-Itumeleng uyamphazamisa ngezwi eliphezulu, ezama ukulawula isimo, egwema ukuthi izinto zingaphumi endleleni. USephiri uhlala phansi futhi uyalalela ngokunqikaza.

Lokhu kwayephula kakhulu inhliziyo yami futhi ngaphandle kokucabanga kabanzi, ngalo lolo suku, eminyakeni eyishumi nantathu edlule, ngapakisha izikhwama zami ngahamba.

Kodwa uyabona, nami nganginezami izimfihlo ngaya ukuyothola induduzo. Ngangqongqoza emnyango kaLinda futhi wangamukela. Mina noLinda sasithandana isikhathi esingangonyaka ngaphambi kokuthi ngithole ngawe noPaul. Sathuthela eMpumalanga futhi sahlala lapho, sazenzela ukuphila, kanye nendodakazi yethu uBeauty, noma yilokho engangikucabanga.

Ngonyaka odlule ngenkathi ngithola ukuthi nginomdlavuza ngathola futhi ukuthi anginayo inzalo kusuka ngizalwa. ULinda wayejwayele ukuvakashela eGoli kanye ngenyanga, ngakho njengoba kwakungenakwenzeka ukuthi uBeauty abe ingane yami, ngangifuna ukwazi ukuthi ubani ubaba. Ngakhetha ukumlandela futhi angikukholwanga engakubona, ubhuti wami, uPaul wangintshotshela umndeni okwesibili!

Ngabuya ukuze ngizofela ekhaya, ngiwusizo lwalutho.

Incwadi yami yefa ingale ndlela: Mina, Ntjapule Selamola ngifakazela ukuthi lena incwadi yami yefa evumelekile futhi ngishiya lonke ifa lami ukuze lahlukaniselwe phakathi kwabashana bami, amadodakazi kabhuti wami uPaul Selamola, uSephiri Selamola noBeauty Madibe.

U-Itumeleng ubeka phansi incwadi. Kuthulile, wonke umuntu ugcwele izinyembezi, amehlo adangele, basaba ukubhekana emehlweni. Isimo sishubile kakhulu kodwa akekho okhulumayo. Bonke babonakala bemangele.

***

Sitshele: Ingabe ukhona omaziyo owathola ubaba wakhe omzalayo ngokwenza ukuhlolwa kwegazi? Yini eyenza ubaba – indalo noma ukunakekelwa?