USephiri uhlifithekile, ulungela ukuya emngcwabeni. Kungani bengakhethanga elinye iSonto, uyacabanga. Kade kufanele aye e-Gold Reef City nafunda kanye nabo, okuhlanganisa naye uThabo. Mhlawumbe yena noThabo bangaqala kahle phansi izinto. Bonke baqedile ukubhala iphepha lokugcina ngesonto eledlule futhi bezothatha uhambo lokuyogubha. Kade ekubheke ngabomvu – kodwa manje nakhu-ke kumelwe abhekane nokuba ivundlandlela ‘kwelinye ikhaya lakhe’.

Akaphindanga wabona ufuthi mndeni wakabobaba wakhe kusuka ngesikhathi ahamba ngaso eminyakeni eyishumi nantathu edlule. UNtaoleng wayemunqabela ukuthi ayovakasha. Kodwa, manje uyaqaphela, ukuthi mhlawumbe manje ithuba elikahle lokuthi athole iqiniso? Kungenzeka kube nothize owaziyo emngcwabeni mayelana nokuthi kwenzakalani kuleya minyaka eyishumi nantathu edlule. Akade ekubheka njengokuzoba usuku olude manje sekubonakala sengathi kuzoba okuthakazelisayo.

Hewu… ukuphila kufushane. Emasontweni amabili nje; ungakwazi ukuhlangabezana nakho konke ukuphila … Ngisho ukuthi, ngizokwenzani ngalolu lwazi olusha engizoluthola? Ngizoyigcina kanjani imfihlo engaka, uyazibuza.

USephiri usanda kuthola ezinye izindaba ezishintsha ukuphila kusuka kuBaba uRonny: ukuthi unomunye usisi wangaphandle! Umchazele ukuthi ubaba wakhe wayefuna ukuthi bahlangane kodwa ukugula kwakhe kuye kwaba kubi nakakhulu futhi washona ngaphambi kokuthi amtshele futhi akuhlele lokho. Ubaba uRonny uthe umtshela ngoba engafuni ukuthi amangale emngcwabeni.

USephiri uya washintsha umbono wakhe ngobaba wakhe ngemva kwalolo cingo; kungenzeka kungakho engazange avule umnyango ngaloluya suku lwephathi kaThabo. Kade egula kakhulu.

Ngesikhathi esifanayo, usathukuthelele umama wakhe ngokuthi azange amethule kuPaul kunalokho basheshe bahambe ngenkathi bezikhipha, kanjalo nje. Kwakufanele atshele umama wakhe mayelana nenye indodakazi njengoba kusho uBaba Ronny, kodwa ke ngenxa yokudineka, ukhethe ukungamtsheli.

Ngeke akholwe, kucabanga uSephiri, ngenkati ezimpintsha ezicathulweni zakhe ze-BFF4L. (Yena noPuseletsho bathenga izicathulo ezifanayo ngemva kokuthi bebe nempi enkulu kwiBanga 8, njengendlela ‘yokubuyisana’.)

“Riri lunga! Ngeke sifike ngesikhathi futhi uyazi ukuthi umndeni waleya ndoda uyangizonda!” UNtaoleng uyamemeza kusuka ekamelweni lakhe.

Ungafunga ukuthi ufuna ukuhamba, kucabanga uSephiri. Umama wakhe uvuke ngohora lesihlanu ekuseni elungiselela umngcwabo. USephiri ugqoka ibhulawuza elimhlophe nesiketi esimpintshayo esimnyama, ubophela phezulu izinwele zakhe.

“Sengilungile. “Uqinisekile? ubuza ngokubhuqa. USephiri uya efasiteleni lakhe, naba: UThabo noTokelo, bame ngaphandle kwesango lakubo futhi. Bafunani? Akunakwenzeka ukuthi bayazi ngomngcwabo kababa wakhe, uyazibuza.

Bayambona efasiteleni. UThabo ubukeka sengathi uzoza ngakuye, kodwa wabuye wajika bahamba. Enamahloni, uyaphuma efasiteleni bese uncika ngasodongeni uya ekhishini.

“Ngiqedile, asambe!” Kumemeza uNtaoleng.

“Ima… Angi … Angikakaqedi … kusele into eyodwa nje,” USephiri ubambezela umama wake, bese ubuyela efasiteleni ubuka uThabo noTokelo behamba esitaladini. Ngemva nje kokuthi sebesithele uyavela ekhishini. “KULUNGILE, manje sesingahamba.”

*****

Emngcwabeni, imigwaqo enobhuqu yase-Vusimuzi Section ayizibekile phansi. Kubonakala sengathi kuphume yonke i-Tembisa. Itende eliluhlaza okwesibhakabhaka nokumhlophe lemboze ibala lendlu bese eliluhlaza lemboze isitaladi. Azikho izitulo ezingenabantu futhi abanye abantu bamile emaceleni. Izimoto zipake kuyo yonke indawo, zibanga isiphithiphithi.

“Ingabe uBaba wayeyindoda ebalulekile? Kungani kunabantu abaningi kangaka?” USephiri uyaphawula njengoba bedilika etekisini.

“Akunjalo. Abanye bazele ukuzoqinisekisa ukuthi nguye ngempela. Phela, le ndoda ineminyaka yahamba, iyabuya bese iyashona phakathi namasonto amabili nje? “Kuyinto edidayo awucabangi kanjalo?” UNtoaleng uyaphundela, ezenza sengathi akathintekile.

Inkonzo isiqalile futhi uSephiri uqaphela ukuthi abantu bagqolozele umama wakhe umngcwabo wonke. Ngemva kokubuya emathuneni bathola ukuthi kunomugqa omude wokuthola ukudla.

ULinda, oshayele uSephiri ucingo mayelana nomngcwabo, uyaqhamuka bese ebacela ukuthi baye naye endlini, lapho kukhona ukudla okwenzelwe umndeni. ULinda uqala ukuzichaza kuNtoaleng kodwa ngaphambi kokuthi aqefe, uNtaoleng, ecikekile, uyamphazamisa.

“Kungani bethe ushiye indodakazi eyodwa kodwa kwasukuma omunye umuntu – ngaphandle kwengane yami?” ephawula. “Bekufanele ngabe bathe amadodakazi amabili, noma kanjani? Ingabe ingane yami ayanele ngokwanele?” uyaqhubeka ngentukuthelo.

USephiri ukhululekile manje ngoba umama wakhe useyazi mayelana nomunye usisi wakhe. Kungcono ngoba akuzange kube nguye okhipha ‘imfihlo enkulu’; ukubonisa indlela ekade enonya ngayo ngokungamtsheli umama wakhe.

“Kudala ngazi, futhi anginayo inkinga ngokuthi bangangibizi ukuthi ngisukume. Kade ngingayazi le ndoda; abantu ngabe balindele ukuthi ngilile. Manje ngicela uxolo kancane,” esho njengoba esukuma ephumela ngaphandle. Udinga ukuthola indlu yangasese ukuze athi ukuzilungisa.

USephiri uhamba ngemuva kwendlu efunana nendlu yangasese ngenkathi ehlangana – noPaul! Ufunani lapha? Futhi, eselapho, uqaphela okuthize, umangele. Ufana ncamashi nobaba wakhe. Uyakhumbula ukuthi ngobuye ubusuku wambona njengomuntu ‘akamaziyo’. Ingabe uhlobene nobaba ngandlela thize? Umzala…?

“Paul.”

“Riri, er, unjani? Ukuphi umama wakho?” Ubonakala ethukile.

“Unomndeni. Ufunani lapha?”

“Empeleni–”

“–kade ufuna ukuqinisekisa ukuthi ushonile ngempela ukuze wena nomama wami nizoshada?”

“Cha, empeleni–”

Bhuti, ngicela uze uzongisiza.” Owesifazane owethulwe njengomakazi kaSephiri ubiza uPaul, ogijimela kuye. USephiri ubhekisisa kahle, engakholwa indlela abajwayelene ngayo. Bese uzwa uPaul esho okuthize – into ekhulunywa emindenini kuphela – kowesifazane: “Sisi ufana nomama wethu.”

Ima kancane – ini?! UPaul ubhuti kababa ami? Ubhuti! eqaphela. Igazi ligijimela ekhanda lakhe, inhliziyo yakhe iqala ukushayela phezulu. Ethukuthele, uSephiri uqonda endlini lapho okuhlezi khona uLinda nomama wakhe.

Usathi uzothethisa uNtaoleng ngenxa yokuziphatha kwakhe okunenkohliso ngenkathi eqaphela ukuthi la besifazane nabo baqhuba eyoba impikiswano, eyandayo sengathi umlilo wasehlathini. Ukugwema ukuthi bazifakele amehlo, uSephiri uzama ukubehlisa umoya.

“Bomama, singakhulumela ngaphandle?” esho ngezwi eliqinile.

Abesifazane banamahloni, bathula futhi balalela. Ngaphandle isixuku siya ngokuncipha kodwa okuqale njengomngcwabo manje sekujike kwabo umcimbi kwizihambeli ezisele. Umculo uya ulokhu ukhalela phezulu.

“Ngicabanga ukuthi sesiqedile lapha!” Izwi likaNtaoleng lihlaba umoya.

“Asiqedanga!” ULinda uphendula kabi.

Ukungezwani phakathi kwabo kubi kakhulu.

“Mama, ngicabanga ukuthi kumelwe sihambe,” kuphazamisa uSephiri, edidwe ukuthi yini ebange le ngxabano phakathi kwalaba besifazane.

UNtoeleng uyahamba, ushiya uSephiri, oxolisa ngenxa yokuziphatha kukamama wakhe. Njengoba uSephiri emlandela, ezama ukumfica, uqalaza okokugcina ngemuva kwakhe umangazwa akakubonayo: UPaul noLinda bajabulile!

Mhlawumbe umama wakhe noLinda kade belelwa lesi sifebe sendoda, uyacabanga. Kodwa uyakhumbula ukuthi yini emenze wangena ephonseleka endlini ekuqaleni. Angikaze ngiyibone into enje! Njengoba bobabili bethukuthele, indlela eya ekhaya ithulile futhi kushubile.

***

Sitshele: Ingabe wake watshela noma wathola ngemfihlo enkulu yomndeni? Wasabela kanjani?