Ngabalandela. “Hello, ladies,” kwasho uColin. “Angazi noma ngiyaphapha yini uma ngicela nisihlalise etafuleni lenu? Kugcwele lapha namhlanje. Ngaphezu kwalokho nibahle kakhulu ukuthi ningahlala nodwa, ningakhulumi namuntu.” UColin uyigeza lensizwa, mude futhi unogazi. Yikho okwenza abantu besifazane bamthande, yikho okuqala zonke izinkinga anazo.

Hi, igama lami nginguMmila,” ngatshela intombazane enhle, eluke ama- corn-rows, eseduzane kwami.

Hi, Mmila, mina nginguDiana.”

UColin wabiza ama-shooters okuqala, wabiza alandelayo. Wabiza amanye ngabona ukuthi sengiyadakwa, ngazitshela ukuthi kumele ngiyeke ukuphuza. Ngacabanga lokhu ngibuka izithombe zikaGorata efonini yami. Ngaphakamisa amehlo ngabona uColin esithela ngaleya nenye yala mantombazane. Ngabheka uNoko, ngambona eqabulana nenye ngasesicabheni. Ngazitshela ukuthi ngizohamba uma sebebuyile etafuleni ngoba ngingafuni ukumshiya yedwa uDiana, angaze aphatheke kabi.

“Ngiyakuthanda, uyazi?” kwasho uDiana ngezwi eligcwele ukudakwa.

“Angikutshelanga, Diana, ukuthi nginomuntu engithandana naye?”

“Anginankinga ngalokho. Mina ngithanda wena, yena akangeni kulokhu engikutshela khona,” kusho uDiana.

Kwaba sengathi yonke into yenzeka ngonyawo lonwabu ngoba njengoba uDiana esondela engiqabula ngomlomo ojuza utshwala nje, savuleka isixuku eshibhini – ngababona abangani bakaGorata, uLilian noSinah. Bangibuka, babona uDiana engiqabula, banikina amakhanda, baphuma bahamba. Ngazibonela ukuthi ngisenkingeni.

*****

Angimfonelanga uGorata ngifika ekhaya. Kwase kuhlwile, kuphakathi kwamabili, ngingafuni ukumphazamisa ebuthongweni. Ngamfonela ngivuka ekuseni. Wangalubamba ucingo. Ngathumela i-SMS; wangaphendula. Ngabona ukuthi lokhu okwenzeke eshibhini ebusuku kungifake enkingeni. Noma kungathiwani uLillian noSinah bamtshelile. Ngasola nokuthi yibo abamtshela ukuthi angaluphenduli ucingo. Ngayona into enhle.

Ngalala embhedeni ngibuka i-ceiling ngizisola ngokuba isiphukuphuku. Kodwa ngimlaleleleni uColin? Ngivumeleni ukuya etafuleni elinamantombazane? Ngavumelani ukuba uDiana angiqabule? Kwenziwe yini ngaba budedengu ngaze ngalahlekelwa umuntu obaluleke kangaka empilweni yami? Kodwa ngoGorata, Nkosi yami! Ngaze ngayihlukumeza ingilosi!

Ngenxa yokulalela uColin kunokulalela unembeza wami! Ngilalele umuntu onemoto ebhalwe ukuthi ‘LOSER’ nge-spray paint esibomvu nokuluhlaza okwesibhakabhaka. Kodwa nami bengicabangani nje? Yebo bengididekile, nginqikaza ukuzibophela kuGorata. Kodwa njengoba sengibona ukuthi uzongilahlekela, konke sekuyacaca.

Ngangena emotweni, ngayishaya yaqonda kubo kaGorata.

*****

Nami ngangingazi ukuthi yini engizoxolisa ngayo. Endleleni ngathenga ushokoledi, ama-roses, amacici kanye no-teddy bear.

Ngangqongqoza esicabheni sakubo, ngalinda impendulo. Lutho. Ngaphinda futhi. Lutho. Ngazifundela kwezami ukuthi akukho muntu. Ngangingazi ukuthi kumele ngenzeni. Ngaqalaza ngabona ibhentshi ku-veranda. Ngahlala kulo ngalinda. Ekugcineni ukhona umuntu ozobuya. Noma kungeyena uGorata, lowo muntu uzokwazi ukungitshela ukuthi uGorata ukuphi. Ngabeka phansi zonke izipho engiziphethe, ngalinda. Ngalinda. Zahamba izikhathi, ngaqhubeka ngalinda. Ngagcina ngishaywe isithongwana.

“Mmila? Mmila! Vuka!”

Ngavula amehlo ngididekile, ngingazazi ukuthi ngikuphi. UGorata wayemi phambi kwami. Ukucasuka ebusweni bakhe bangikhumbuza konke okwenzekile.

Ngathi, “Okokuqala engizokusho ukuthi, ngiyaxolisa. Ngiyazi abangani bakho sebekutshelile lokhu abacabaga ukuthi bakubonile, kodwa akwenzekanga ngale ndlela abacabanga ngayo. Angiyiqabulanga leya ntombazane.”

“Mmila, bakubonile uyiqabula.” UGorata wayemi egoqe izandla. Ngabona ukuthi kade ekhala, ngezwa kuphuka inhliziyo kumina.

“Yebo, basibonile siqabulana kodwa mina angimqabulanga. Uyena oqabule mina.”

“Kwenza mehluko muni lokho, Mmila?”

“Ngimtshelile ukuthi mina nginentombi engiyithandayo. Khona lapho yena wangiqabula.”

“Ubuhlaleleni naye kwasekuqaleni? Angithi wena uyi-boyfriend yami? Uhlalelani namanye amantombazane pho?”

“Angithi uColin noNoko. Bangi-…” ngama lapho. Ngabona ukuthi akumele ngisole abanye abantu. Yimi engizifake kulolu taku ngoba ngingawulalelanga unembeza wami, ngakhetha ukulalela abanye abantu. Ngoba ngingafuni uColin athi ngidonswa ngekhanda ngagcina ngephula inhliziyo kaGorata, umuntu obaluleke kunabo bonke empilweni yami. Ngaziveza ubugwala. Ingakho ngaqabula uDiana: ngoba ngiyigwala. “Gorata, eqinisweni ngenze into ewubulima. Bengesaba futhi ngiyisiphukuphuku. Ngiyaxolisa ngokuphula inhliziyo yakho…ngoba…ngoba…ngiyakuthanda.”

UGorata wazibamba esifubeni wahlala eceleni kwami ebhentshini. “Ngempela, Mmila?”

“Ngempela, Gorata. Ngiyakuthembisa ukuthi uma unginika elinye ithuba, ngeke ngiphinde ngikwephule inhliziyo. Ngeke ngiphinde ngibe isiphukuphuku, ngizofunda ephutheni engilenzile. Ngicela unginike elinye ithuba. Uzonginika?”

*****

Ucabangani? Ngabe uGorata wanginika elinye ithuba?

Ukube uyamazi uGorata wami, ngabe uyazi ukuthi asikho isidingo salo mbuzo ngoba unenhliziyio enhle exolayo. Wangixolela futhi ngeke ngiphinde ngimephule inhliziyo. Konke lokhu kwenzeka ngonyaka odlule. Manje sesikhuluma ngokuthi kumele sishade.

Iyona indaba yami exwayisayo lena. Ngiyixoxile, wena kumele ubone ukuthi wenzenjani. Ngikufisela inhlanhla, mngani wami.

Ukhumbule ukuthi akumele uthathe iseluleko kunoma ubani… ngisho nami imbala.

Iyaphela