Ngakusasa ntambama, uNzwaki uhlala esihlalweni esingemuva emotweni kaSiyabonga emgwaqweni owubhuqu. Uzwa eshaywa wuvalo. Useyanqikaza ukubophisa uJoe, umyeni aseshade naye imnyaka eminingi kangaka futhi owake wamthanda ngokoqobo kudala. Kodwa kumele alandele unembeza.

USiyabonga ufonela uJoe, “Hello, sengifikile lapho esizohlanganela khona,” kusho uSiyabonga. Ifoni uyifake kwi-loudspeaker ukuze uNzwaki akuzwe abakukhulumayo.

“Ngizofika kungakapheli imizuzu emihlanu,” kuphendula uJoe.

USiyabonga uyaluvala ucingo. Nakhu sekuvele obala. Kuyiqiniso ukuthi u-Joe untshontsha ama-ARV e-clinic, awadayise.

UNzwaki ubabonile nanamhlanje u-Asanda noJoe bemi othangweni lwasesikoleni bekhuluma. Uzizwe ecasuka futhi enyanya, wamemeza ukuthi u-Asanda akabuyele eklasini. Le ntombazane iphenduke yambuka nje, yaqhubeka nokukhuluma noJoe. UNzwaki uhlengezele izinyembezi ebona uJoe evula u-wallet enika u-Asanda imali. Uzibonele ukuthi uJoe no-Asanda bayamcacisela, phambi komphakathi, ukuthi bayathandana. Abasakwazi nokufihla, abasaboni nehlazo kule nto abayenzayo?

UNzwaki ubona imoto kaJoe isondela. Uyimisa eduze kwemoto kaSiyabonga. Ilanga selishonile, sekuyahwalala. Amalambu emoto kaJoe ayakhanya. Alale esihlalweni uNzwaki, acashe. Iwindi langemuva livuliwe.

USiyabonga uphuma emotweni abingelelane noJoe. UNzwaki uzwa konke abakuxoxayo. Inhliziyo ishaya ngamandla.

“Manje iphi le nto ongiphathele yona?” uSiyabonga ubuza uJoe. Kuyathuleka, kuzwakale uSiyabonga ethi, “Iwona wonke lawa?” Kusho ukuthi uJoe usemnikile ama-ARV.

“Uma udinga amanye uyayazi inombolo yami yocingo. Wena ulungise imali nje kuphela,” kusho uJoe.

USiyabonga uthi, “Kanti uwathola kalula? Ngibuza ngoba kungenzeka ngidinge amanye ngokushesha. Phela ahamba ngokushesha, ahlale edingeka.”

“Yebo, yimina engenza i-order lawo e-clinic. Ungithinte noma nini uma uwafuna,” uJoe ukhuluma ezethemba, engazi ukuthi wakhelwe uzungu lapha.

USiyabonga ungena emotweni, kuzwakale neMazda kaJoe iduma. UNzwaki uveza ikhanda elunguza, ambone uJoe esuka. Khona lapho ubona amalambu ezimoto eziningi ekhanyisa imoto kaJoe. Asukume uNzwaki, ezwe kukhala ama-siren ezimoto zamaphoyisa. Abone amaphoyisa ekhipha uJoe emotweni emfaka ozankosi, emfundela amalungelo anawo njengomuntu oseboshiwe.

Kwabe sekuphelile. Umyeni wakhe waboshelwa ukudayisa ama-ARV, ewadayisela izigelekeqe ezakha izidakamizwa. UNzwaki umkhalela okokugcina uJoe ngesikhathi iveni yamaphoyisa ihamba naye.